NAKUBA izingqalabutho kwezikanobhutshuzwayo kuleli, okunguSimon Ngomane, noMlungisi "Professor" Ngubane, zisibona isidingo sokufakwa kwebhola lesimanje (modern football) kuleli kodwa zithi akumele kuxhanyazelwe.
Emasontweni edlule, uSteve Komphela oqeqesha iMoroka Swallows, ususe inkulumo mpikiswano, ethi abantu bakuleli bamanqika ukufunda ngezindlela ezintsha zebhola lesimanje. Wayekusho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-0 koweDStv Premiership.
Okugqamile ngeZinyoni kusukela uKomphela ethathe izintambo ekuqaleni kwesizini, wukuthi sengene esitayeleni sokuqala ibhola emuva kunozinti uDaniel Akpeyi, zingaliqumuzi phambili. Uma liphunyukile iqoqo labadlali lisuka ngamandla nangejubane ukuzama ukulibuyisa ngokushesha.
Zidlala ngendlela ephoqa ukuthi izitha zilibuyisele emuva ibhola uma zingakwazi ukuphuma engxenyeni yazo yenkundla.
Abaningi bathi yisitayela esigqame kakhulu kwiManchester City yase-England, ngaphansi kobuholi bukaPep Guardiola. Amanye amaqembu adlala ngalolu hlobo futhi alwenza ngobuchule, yiLiverpool, Brighton & Hove Albion, neTotenham Hotspurs awase-England. Kuleli sigqanyiswe yiMamelodi Sundowns, ezitamuzelayo ezicocweni zeligi zakuleli.
Abahlaziyi nongoti bathi, isitayela sidinga abadlali bezinga eliphezulu futhi abasheshayo nangokomqondo, abayimiqemane futhi abangatatazeli nabakwaziyo ukumelana nengcindezi.
UKomphela usolwa kakhulu ngokudlala lesi sitayela ekubeni engenalo uhlobo lwabadlali abafanele.
"Umbuzo wami uthi njengeNingizimu Afrika, sikulungele yini ukujwayela lesi sitayela? Siyangabaza, asisheshi ukufunda ngezindlela ezintsha zokudlala. Sisabambelele kwezindala. Kumele sifunde ngokushesha, ngizoqhubeka ukudlala ngalolu hlobo kuze kulunge," kusho uKomphela.
UNgomane obuye enzise izifundo zokuqeqesha ngaphansi kweSafa kuleli, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi kuyacaca ukuthi uKomphela akabonisananga namuntu ngalesi sinqumo.
"Bekumele kube nenkulumo mpikiswano eqenjini, kubuzwane ukuthi ngabe abadlali beSwallows bashesha ngokwanele, bayakwazi ukulawula ibhola nokunye okuningi? Umgogodla wesitayela (modern football) ulele ezintweni ezintathu. Wukwazi ukulawula ibhola, yisikhathi nokukhanda izikhala. Isikhathi sikulawula ekutheni wazi ukuthi uma uphasa ibhola lizofika nini kuzakwenu. Silibuyisa ezitheni emuva kwesikhathi esingakanani nokunye okuningi," kubeka uNgomane.
"Le ndlela yokudlala idinga abadlali bezinga eliphezulu. Isibonelo, uma unombolo 6 ezolanda ibhola emuva kumele angatatazeli, akwazi ukuvikela ibhola. Kumele abe nesibindi. Uma eke walilahla maningi amathuba okujeziswa yizitha. ISundowns isazoqhubeka nokukhonya ngoba ayithengi noma ngubani. Isifana nesikhungo. Noma laba abakhona bangahamba izoqhubeka nokuba nje, yonke into iqoshwe phansi.“
UNgomane owayedlalisa lesi sitayela esacija iLamontville Golden Arrows eminyakeni edlule, uveze ukuthi sincike kakhulu nakwizinsizakudlala. Uthe ngaphambi kokusidlalisa kumele uzibuze ukuthi ngabe unawo wonke amathuluzi?
"Okunye okumele abaqeqeshi bakuhlukanise ukuba nguthisha nokuqeqesha. Uma ufundisa uyadala. Ngeke uqeqeshe into engekho. Uma uqeqesha usuke wenyusa izinga le nto ekhona. Kumele siqaphele, singaqeqeshi abadlali abangazi lutho ngebhola lesimanje.
“Asiqale ngokubafundisa. Iqiniso lithi iningi labadlali bethu alikwazi nokucima ibhola. Kuzomele kuthathwe isinqumo ngohlobo lwebhola okumele lidlalwe kuleli," kubeka uNgomane.
UNgubane odlale emaqenjini okubalwa AmaZulu, neDurban Bush Bucks, uthe lesi sitayela sidala kuleli. Uveze ukuthi sasidlalwa kakhulu emaqenjini anjengePimville United Brothers, Nylon City, Union Blacks namanye ngaphambi kokuthi sithathwe yi-Arrows.
"Abantu abafundile bayathanda ukuhlale befuna ukuhluka. Ukubeka phansi ibhola kuyasiphoqa ngoba sibafushane, siphinde sibe bancane ngokwemizimba. Lobu buqumuqumu bafika nabaqeqeshi baphesheya," kubeka uNgubane.