AMAZULU azimisele ukufeza izinhlozo zawo uma esebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wokugcina weDStv Premiership ka-2022/23 ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium.
Umqeqeshi woSuthu, u-Ayanda “Cobra” Dlamini, ukubeke kwacaca ukuthi ixoxo nexoxo umazigxumele, alikho iqembu abazolenzelela ngalo mdlalo kwazise nabo bayawadinga amaphuzu amathathu.
Usuthu lusendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-33 emidlaweni engu-29. Luphephile ezembeni futhi ngeke lusakwazi ukuba ngelinye lamaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu angene emqhudelwaneni iMTN 8 ngesizini ezayo.
IPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-51 kanti kumele inqobe ukuze iqinisekise ukuthi iyayibamba le ndawo bese ingena kwiCaf Champions League. EzikaMagebhula zisengaqeda ngaphambi kweSuperSport, nayo enamaphuzu angu-51, uma Amatsatsantsa enganqobi kwiSekhukhune United. Yonke le midlalo ingosuku nesikhathi esifanayo.
“Asizukwenzela muntu umusa. Siyiqembu elikhokhelwayo futhi akukho ukwenzelela kulo mdlalo. Angicabangi ukuthi kukhona oseke wasenzela umusa,” kusho uDlamini.
“Siya kulo mdlalo ngenhloso yokuvala isizini ngewini futhi siqhubeke nokwakhela isizini ezayo. IPirates inezinjongo zayo, iSuperSport nayo. Sikhuthazwa ukuthi sinqobe umdlalo sijabulise nabalandeli bethu.
“Kukhona esizokuzuza ngalo mdlalo. Uma singanqobi sizolahlekelwa amaphuzu. Sizozimisela njengoba kade senza, akukho okuzoshintsha.
“Ngibatshelile abadlali ukuthi uma kukhona ocabanga ukuthi akukho esisazokudlalela kungcono asheshe aye emaholidini, angazihluphi ngokuza ejimini. Ngokwami kubaluleke kakhulu ukuthi sinqobe umdlalo wethu wokugcina.”
IPirates ivimbele Usuthu ithuba lokunqoba indebe iluhlula kowamanqamu weMTN 8 ngoNovemba nyakenye. Umdlalo wabo weligi e-Orlando Stadium ngo-Okthoba waphela zibambene ngo 1-1.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo ozoncika kakhulu emaqhingeni. IPirates isishintshe kakhulu selokhu sagcina ukudlala nayo. Bazosebenzisa abadlali babo abasezingeni eliphezulu ngoba bafuna ukuya kwiChampions League.
“Kumele sibavimbe bangaligobeli ebhokisini ibhola kodwa uma sihluleka lapho kufanele simake kahle ebhokisini. Bayakwazi ukuphuma izikhala ngakho kumele senze isiqiniseko sokuthi akekho umuntu osala yedwa azenzele umathanda ebhokisini lethu.”