LINGASE lingabi bikho iqembu elizomela iPremier Soccer League (PSL), kweyamaqoqo eCaf Confederation Cup uma kungukuthi izoqhubeka imiphumela etholwe amaqembu amathathu aseNingizimu Afrika emidlalweni yayo ngokwahlukana ngoLwesithathu.
IRoyal AM, Marumo Gallants neCape Town City abedlala eyomlenze wokuqala wesigaba sokugcina kweyokuhlungela eyamaqoqo yeConfed Cup, onke abuye nemiphumela engagculisi ekuhambeni nasekhaya ngoLwesithathu ngokwahlukana.
ICity yona ebidlalela ekhaya ne-USM Alger, yase-Algeria, ihluleke ngisho ukuthola igoli ngesikhathi ibambana naleli qembu lase-Algeria ngo 0-0, eCape Town Stadium. Okungayiduduza uma isiya emlenzeni wesibili ngoNovemba 9, wukuthi izivakashi nazo azikwazanga ukuthola igoli lasekuhambeni. Lo mphumela usho ukuthi iCity idinga ukunqoba ekuhambeni noma umdlalo uphele zibambene ngamagoli.
IThwihli Thwahla ithole uswazi luka 2-0 kwiTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), eStade TP Mazembe, eLubumbashi ngosuku olufanayo.
EBenghazi, eLibya, iGallants ishaywe yi-Al Ahli Tripoli ngo 1-0 kowayo umdlalo obuseMartrys of February Stadium.
Imidlalo yase-Afrika iyaziwa ngokuba nzima ikakhulukazi uma isikulesi sigaba sokulwela ukungena kweyamaqoqo. Okwenza le midlalo ibe nzima isikhathi esiningi, akuhlangene nokusuke kwenzeka enkundleni kepha kuxhumene kakhulu nokwenzeka ngaphandle kwayo.
IRoyal AM neGallants sekumele anqobe lapho esedlala kuleli ukuze azibekisele indawo kweyamaqoqo.
U-Abram Nteo, omunye wabaqeqeshi beRoyal AM, uzwakale enethemba lokuphendula amatafula uma sebedlala kuleli neMazembe.
“Sidlale kahle kodwa-ke angazi kwenzekeni esiwombeni sesibili savele savumela iMazembe ukuthi izenzele ngokuthanda kwayo.
“Nakuba kunjalo kuningi esisengakwenza sesisekhaya kowomlenze wesibili,” kusho uNteo ethimbeni leRoyal AM labezindaba.
U-Eric Tinkler weCity, uthe: “Sikufunde konke obekufanele sikufunde ngabo ngakho-ke akuphelile ngathi kulo mqhudelwano.
“Sizoya kowomlenze wesibili nolwazi olugcwele ngokufanele sikwenze ukuze sidlulele kweyamaqoqo,” kusho uTinkler kwabezindaba eKapa.
Yonke imidlalo yomlenze wesibili ingoNovemba 9. IMamelodi Sundowns izomela iNingizimu Afrika kwiChampions League njengoba seyilinde ukuqhathwa esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.