AYAMFIMFA amathuba okuthi abonakale kwiCarling Black Label Cup ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, okuze kube yimanje akucaci ngokulimala kwakhe okumeqise umdlalo wamanqamu weMTN 8 abawunqobe kuMaZulu ngoMgqibelo.
IPirates, ehambela phezulu ngenxa yesicoco esengeze ekhabetheni layo lezinkomishi ngoMgqibelo ebusuku, izobhekana nezimbangi zayo ezinkulu zaseSoweto, iKaizer Chiefs, ngo-12 emini kwiCarling Black Label Cup e-FNB Stadium.
Lo mdlalo womkhaya baseSoweto uzobe ulandela oweMamelodi Sundowns naMaZulu ozoqala ngo-9.30 ekuseni enkundleni efanayo.
Womane la maqembu azobhekana ngoba yiwona avotelwe ngabalandeli.
UMaela, ongazange awuqede owakamuva wabakhaya weDStv Premiership osekuwumlando ukuthi unqotshwe yiChiefs ngegoli likaYusuf Maart, utshele Isolezwe ukuthi akazi ukuthi uzobe eseqine nini ngokwanele ukuthi angadlala, waphinde wangaphumela obala ngokuyikhona okumhluphayo ngalokhu kulimala.
Lo kaputeni ubekhuluma naleli phephandaba ngoMgqibelo emini eSpringfield Value Centre, ngaphambi kokuyobuka ezakhe ziqukula iMTN8 eMoses Mabhida Stadium.
“Okuyikhona okumqoka ukuthi mina nodokotela beqembu singaphoqi ukuthi ngisheshe ngibuyele enkundleni ngingakabi wumqemane ngokwanele,” kusho yena emcimbini wakwa-Adidas obukule nxanxathela yezitolo.
“Wonke umuntu ubonile ukuthi angiwuqedanga owabakhaya ngenxa yokuthinteka ngakho-ke simatasa (nodokotela) nokuqinisekisa ukuthi ngiphole kahle, hhayi ukujaha ukubuyela enkundleni.
“Akusho lutho ukuthi ubani odlalayo noma mina ngizobuyela nini enkundleni kodwa okumqoka ukuthi iPirates yenze kahle ngaso sonke isikhathi.
“Akekho noyedwa umdlali engimngabazayo kwiPirates ngokomsebenzi ngakho-ke asilinde sizwe ukuthi odokotela bazothini,” kusho yena. UMaela uhloliwe ngaphambi komdlalo wabo naMaZulu kodwa kusobala ukuthi ubengakabi esimeni esilungele ukudlala njengoba ewubuke nezihlwele owamanqamu.
Okwenza ukuthi kubukeke sengathi ayamfimfa amathuba okuthi uMaela abe senkundleni ngoMgqibelo, wukuthi ngisho selimvalela ekhoneni leli phephandaba akazange avume ukudalula ukuthi ulimele kuphi nokuthi yena uqobo uzizwa esesimeni esinjani. Abadlali asebehoxile kwiCarling Cup ngunozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune, nomgadli wayo, uCaleb Bimenyimana.