UKUNENEBULWA kweLamontville Golden Arrows yi-Orlando Pirates akusho ukuthi isiyizimpuphu, isenalo ithuba lokuvuka izithathe emidlalweni esele yeDStv Premiership ilwele ukuzibekisela indawo kwiTop 8 ekupheleni kwesizini.
Lowo ngumbono kaSheldon Roux owayengumdlali wasesiswini kwi-Arrows maphakathi neminyaka yo-2000, njengoba leli qembu lisazikhotha amanxeba ngemuva kokunabiswa yiPirates ngo 7-1 ngempelasonto edlule kowePremiership.
Leli qembu okumanje lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership, liphakathi kwalawo alwela ukuzibekisela indawo kwiTop 8, njengoba lisalelwe yimidlalo eyisikhombisa ukusonga isizini.
I-Arrows izobuyela ensimini ngokubhekana neRoyal AM kowabakhaya ngo-Ephreli 20, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
“Ngikholwa wukuthi ukushaywa kwe-Arrows yiPirates ngaleya ndlela akuyona into abadlali bayo okufanele bayifake emakhanda, ngoba izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni, ngoba ngisho nayo iPirates yake yashaywa ngo 6-0 yiSundowns (Mamelodi).
Kuphela nje kufanele bakudlulise ngokushesha, balungise amaphutha, ikakhulukazi odongeni lwasemuva ngaphambi komdlalo wabo olandelayo,” kusho uRoux.
“I-Arrows iyiqembu elikholelwa kakhulu ekuzikhiqizeleni abadlali abasuka enkulisa yalo, akulona iqembu elithenga kakhulu, ngakho nanoma yimuphi umqeqeshi oliqeqeshayo kufanele akwazi ukusebenza ngalokho anakho, okuyiyonanto umqeqeshi uSteve Komphela engikholwa wukuthi uyayiqonda kangcono njengoba engaqali ukuliqeqesha leli qembu.
Ngiyakholwa, futhi nginethemba lokuthi ngaphansi kwakhe (uKomphela) i-Arrows isazokwenza okungcono kakhulu ikakhulukazi ngesizini ezayo, lapho esekwazile nokuthola isikhathi esanele sokusebenza nabadlali ukulungiselela ukuqala kwesizini, esebonile nezindawo okufanele aqinise kuzona.
Yize imidlalo ebasalele kubukeka kungeyona elula, kodwa ngibona besenethuba lokukwazi ukubuya namaphuzu kule midlalo bangene kwiTop 8.”
Ngaphandle kweRoyal AM, Abafana Bes’thende basalelwe ngeminye imidlalo ebukeka ingelula okubalwa kuyo oweCape Town City (ekuhambeni), iStellenbosch FC (ekuhambeni), iChippa United (ekhaya), iCape Town Spurs (ekhaya), iMamelodi Sundowns (ekhaya) naMaZulu FC (ekuhambeni).