UNOZINTI osemncane we-Orlando Pirates, obegila izimanga kwiDStv Diski Challenge (DDC) waze wakhushulelwa esikimini esikhulu, uKopano Thuntsane, akawujahile umbango wejezi kuleli qembu njengoba ethi usazimisele ukuncela ngokwanele kozwabo, uRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane.
Lo nozinti, oneminyaka engu-23 ubudala, udabuka eSoweto kanti usedlalele izinkulisa zePirates iminyaka engaphezulu kweyishumi.
Ngaphandle kokubolekiswa kwiBizana Pondo Chiefs ebidlala kwiNational First Division (NFD) kumasizini ambalwa adlule, uThuntsane unikwe inkontileka nesikimu esikhulu njengoba ebehamba naso eThekwini muva nje benqoba iMTN 8 kuMaZulu FC ngo-1-0.
Ngaphambi komdlalo wamanqamu weMTN8, lo nozinti ubeyingxenye yomcimbi wePirates nabakwa-Adidas obuseValue Center, eSpringfield, eThekwini, okuyilapho exoxe khona neSolezwe.
“Kuyinto enkulu kimina ukuba yingxenye yesikwati esiqokelwe ukuza lapha eThekwini emdlalweni wamanqamu weMTN8,” kusho uThuntsane.
“Kuyisifiso sawo wonke umdlali, ikakhulukazi kwabasebancane, ukusondelana nje nesikwati esikhulu kodwa ukuqokwa ukuthi uhambe naso kuyizinkomba zokuthi kuyasondela ukuthi ngidlale,” kuqhuba lo nozinti oke wadlala imidlalo yePirates yeDiski engu-17 wangangenelwa goli kwengu-15 yakhona ngo-2020.
Yize ephupha ngokuba unozinti ophambili wePirates ngelinye ilanga kodwa uThuntsane uzimisele ngokulilinda ithuba lakhe.
“Okwami ukusebenzisa leli thuba lokuba seduze nabadlali abagijima emaqenjini esizwe abo, ngincele konke engingakuthola konozinti ababili okuyibona abadlalayo manje.
“Kuyisifiso sami ukuba sezingeni labo ngelinye ilanga, kube yimina unozinti wokuqina wePirates kodwa ukuze kwenzeke lokho kufanele ngilinde ithuba lami ngokusebenza nokufunda kulaba engisebenza nabo manje.
“Ngenhlanhla (labo nozinti ababili bePirates), bangabantu abanesineke futhi abanesikhathi sokunaka nokusiza laba abeza ngemuva kwabo ngakho-ke ngizizwa ngibusisekile.
“Angiwujahile umbango wejezi ngoba nginaso sonke isikhathi sokufunda konke okufanele ngikufunde kuRichard (Ofori) noSiyabonga (Mpontshane),” kuphetha lo nozinti.
NgoMgqibelo iPirates izobuyela enkundleni lapho izobhekana neKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup. Umdlalo ungo-12 emini eFNB Stadium. Lo mqhudelwano wosuku olulodwa uzovulwa yiMamelodi Sundowns naMaZulu ngo-9.30 ekuseni. Owamanqamu uzodlalwa ngo-5 ntambama.