UMAIMANE Phiri oyimenenja kaLebogang Manyama, uveza ukuthi lo mdlali akakakucabangi nakancane ukugaxa amakhokho emgibeni phezu kokuba liqhubeka nokungapholi iqakala lakhe.
UManyama, oke wanqoba iPSL Footballer of the Season, ugcine ukubonakala kwiKaizer Chiefs emchithe ngesizini edlule.
Kusuka lapho uhlushwa yiqakala elingapholi kanti ngoLwesibili bekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali nokwenze Isolezwe labuza imenenja yakhe ngamathuba okuthi aliyeke ibhola.
“Hhawu, yinto angaphuphi ngayo nakancane! Uzibona kusekuningi angakwenzela ibhola lakuleli. Nakuba kumhlupha lokhu kulimala kodwa isimo seqakala lakhe sesingcono kakhulu. Nodokotela bayasincoma. Ngicabanga ukuthi le sizini izophela eseke wawudlala owodwa noma emibili,” kusho uPhiri.
Leli phephandaba selibike kaningi ngokuhlushwa yiqakala kwalo mdlalo oneminyaka engu-32. Ukulimala kwakhe sekumbambazele isikhathi eside ekutheni asayine kwiCape Town City agila izimanga kuyo esayidlalela ngesizini ka-2016/17.
Ufike ajime naleli qembu, kuthi kusahamba kahle liphinde liqale phansi aphoqeleke ukuya eGoli lapho elashwa khona. NangoDisemba liphinde lamvuka.
Ngemuva kokuthi iChiefs ingayivuselelanga inkontileka yakhe ngesizini edlule, uJohn Comitis ongusihlalo weCity, uphumele obala ngokuthi uyamfuna nakuba esehlushwe yiqakala isikhathi eside.
NgoLwesithathu, lesi sikhulu siveze ukuthi njengoba bebuya emaholidini kaKhisimusi, uManyama ubeyingxenye yeqembu. Uveze ukuthi ezinsukwini ezedlule uphinde wathunukala.
“Ey! Iyinkinga indaba kaManyama. Leli qakala seliphinde lamphoqa ukuthi aphinde akushiye phansi ukujima abuyele eGoli. Nakuba selimhluphe isikhathi eside kodwa sizomlinda, ngeke simlahle. Sizomlinda aze aphole ngokuphelele," kubeka uComitis.
Inkinga yokuhlushwa yiqakala iqale efika ngo-2018 kwiChiefs ephuma kwiKonyaspor yaseTurkey.
Ngesizini edlule limhluphe kakhulu njengoba egcine edlala imidlalo engu-10 kuphela kwiDStv Premiership nowodwa weNedbank Cup.
Lokhu kungadlali kuholele ekutheni abe sohlwini lwabadlali abakhonjwa indlela.
NjengamaCitizens asendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-23.
Kodlule akhale ngaphansi komkhaya bawo, iStellenbosch ngo-3-2. NgoMgqibelo azovakashela iSuperSport United, eLucas Masterpiece Moripe Stadium.