NGAPHAMBI kokuqala kwesizini yeDStv Premiership ka-2023/2024, iStellenbosch FC neTS Galaxy bebeseqhulwini kwabebekhombisa izimpawu zokuzulelwa amanqe okugencwa yizembe, obekudalwa indlela womabili la maqembu azobanga isicoco seCarling Black Label Knockout, adedele ngayo abadlali bawo abebeyizinsika.
IStellies namaRockets yibona abazobanga okokuqala isicoco seCarling KO esihamba nentshontsho lika-R6.8 million ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Indlela la maqembu alahlekelwe abadlali abamqoka ngayo kusukela kuphele isizini edlule uphinde uhlanganise newindi lokushintshana ngabadlali eledlule, kungenzeka ukuthi ababaningi abebengazitshela ukuthi yiwona azofinyelela eqhulwini lalo mqhudelwano odlalwa ngamaqembu awu-16 esigaba esikhulu kuphela.
Ozonqoba phakathi kwabo uzobe ethola indebe yokuqala edlala esigabeni esiphezulu. IGalaxy seyike yayinqoba indebe kwiPremier Soccer League, idla iNedbank Cup ngo-2019 isadlala esigabeni esingaphansi esesaziwa ngeMotsepe Foundation Championship.
IStellenbosch ibunjwe ngo-2016:
Kusukela leli qembu laseKapa likhushulelwe esigabeni esikhulu ngo-2018 akukaze kungacaci ukuthi konke elikwenzayo kugxile kubadlali abancane ngokweminyaka.
Lokhu kufakazelwe ukudla kwaleli qembu izicoco kulandelana eduze emazingeni aphansi okuphelele ngokuthi lidle iDStv Diski Challenge ka-2021/2022 obekungunyaka wokuqala leli qembu lidlala kulo mqhudelwano.
Lokhu kulandelwe uhambo lwase-England lapho leli qembu lifike khona laqotha kwasani kwiPremier League Next Generation Cup okuyilapho kuqhamuke khona nabanye babadlali asebeyizinsika zeStellies njengoba iya kowamanqamu weCarling KO.
Abadlali abancane kwiStellies:
Kubadlali abagile izimanga kwiDiski okwacaca ukuthi kufanele bakhushulwe kukhona no-Oswin Andries ongasekho kulandela ukugwazwa ngakubo eKapa nyakenye.
Abanye abancane asebephenduke undabizekwayo ebholeni lakuleli abalokhu beqhamukile kwiStellies nguDevon Titus, Liam de Kock, Antonio van Wyk, Jaydon Adams, Athenkosi Mcaba no-Olwethu Makhanya odayiselwe iqembu lase-USA, iPhiladelphia Union, ekupheleni kwesizini edlule.
IGalaxy ibunjwe ngo-2015:
Umnikazi weGalaxy, uTim Sukazi, uthenge igunya leCape Town All Stars ngo-2018, wabumba iqembu ebeliqine ngokwanele ukuthi ngonyaka olandele lowo lidle iNedbbank Cup kwiKaizer Chiefs, kuyona belu le nkundla yaseThekwini okuzodlalelwa kuyona iCarling KO.
Lokhu kulandelwe ukuthi uSukazi aphinde athenge iHighlands Park obekumnika igunya lokufaka iqembu lakhe esigabeni esikhulu ngo-2020.
Abadlali asebeqinile kwiGalaxy:
Okusheshe kwacaca ngeGalaxy ukuthi ikholelwa ekunikeni ithuba abadlali ababukeka njengasebelahliwe emaqenjini abebekade bedume kuwona.
Namanje uVuyo Mere, Lindokuhle Mbatha, Bernard Parker, Samir Nurkovic noThamsanqa Gabuza basesemabhukwini aleli qembu laseMpumalanga.
Abadlali abadedeliwe kwiStellies:
UMakhanya ungomunye wabadlali abamqoka kwiStellies abadedeliwe waya kwiMajor Soccer League (MLS). Babuye balahlekelwa wuSibongiseni “Ox” Mthethwa osayine kwiKaizer Chiefs ebisivele ibaphuce o-Ashley du Preez noZitha Kwinika eminyakeni edlule.
Abanye abahambile ngu-Ibrahim Jabaar, osedlalela iqembu lakwa-Israel, Junior Mendieta osekwiMamelodi Sundowns noVusi Sibiya osedlalela iMoroka Swallows.
Abadlali abadedeliwe kwiGalaxy:
Baningi futhi bamqoka abadlali iGalaxy ehlukane nabo ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa oseqhulwini ukaputeni, uGiven Msimango, osekwiChiefs.
Insika enguBathusi Aubaas isayine kwiSundowns, kwathi u-Aphelele Teto wathola amadlelo aluhlaza eScotland, uMelusi Buthelezi usevimba kwi-Orlando Pirates.
Okushiwo abaqeqeshi ngemuva kokungena kowamanqamu:
Steve Barker: “Kufanele sishayelwe ihlombe ngempumelelo esiyitholayo ngabafana abancane ngoba ngesizini yethu yesibili esigabeni esikhulu kwale kancane ukuthi sidliwe izembe kodwa sangaguquka kwesikholelwa kukhona.
“Ngiwazi ukusuka nokuhlala umsebenzi ofakwe kuleli qembu njengoba izithelo sekubukeka sengathi ziyabonakala,” kusho lo mqeqeshi echipiza izinyembezi kwiuSuperSport.
Sead Ramovic: “Angikholelwa kubadlali abanethalente kakhulu kepha ngithanda lolu hlobo oluzimisele ngokulalela nangokusebenza ngaso sonke isikhathi kwiGalaxy.
“Akekho ocabanga ukuthi kuyadlalwa eqenjini lethu kepha wonke umdlali okhona uyazi ukuthi kusemsebenzini futhi isikhathi sokuzijuxuza nangokuzijabulisa ngophuzo oludakayo yinto esingenayo,” kusho yena eMoses Mabhida ngempelasonto edlule.