BABOLEKISWA kwiCasric Stars abadlali ababili baMaZuluFC abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi uPablo Martin eqenjini elikhulu.
UMartin waseSpain, onomthwalo wokubuyisa izinsuku zenjabulo oSuthwini, ubukeka esesitholile isikimu azodlala ngaso kule sizini.
Kusobala ukuthi kayikho indawo yabadlali ababili, okunguLindani "Teko" Shange (22) oyibamba esiswini noTebogo Mashigo (20) ongumgadli othembisayo. Laba bebeyinsika yeqembu loSuthu elidlala kwiDStv Diski Challenge.
UShange sekunesikhathi enyuselwe esikimini esikhulu kodwa akakaze anikwe ithuba lokuzibonakalisa. Lokhu kuholele ekutheni ayosiza kwiDiski, ekubeni ebeziqeqesha nesikimu seDStv Premiership ngesizini edlule.
"UMashigo noTeko babolekiswe kwiCasric Stars kwiMotsepe Foundation Championship. Bahambe ngempelasonto. Bazoqala kuleli sonto ukuziqeqesha neCasric Stars," kusho umthombo.
UShange noMashigo akubona abadlali bokuqala boSuthu ababolekiswe kwiCasric edlale okukuqala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ka-2022/2023 emuva kokuthenga isitifiketi seFree State Stars.
Ngesizini edlule, AmaZulu aboleke leli qembu uSibongakonke "Scara" Ndlovu noLindokuhle Zungu abebedlala kwiDiski. Laba badlali bazifake obishini ngenxa yokwehluleka ukuziphatha.
UZungu ubuyiselwe kuMaZulu kodwa nawo amkhomba indlela. Kuphele isizini edlule esecoshwe nguShaun Bartlett kwiCape Town Spurs. Emasontweni adlule uZungu kade ezama inhlanhla kwiMaritzburg United eqeqeshwa nguZipho Dlangalala.
UNdlovu ubesohlwini lwabadlali abachithwa wuSuthu emasontweni adlule. Nakuba AmaZulu eshaya ngenqwaba yabadlali abahle kwiDiski kodwa kunzima kubona ukuyenza eyabo indawo esikimini esikhulu. Iningi labo ligcina lidedeliwe. UMashigo noShange akubuzwa ukuthi babhekwe ukuthi babuye nesipiliyoni kwiChampionship.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe akukho osekusayiniwe ngokubolekiswa kwalaba badlali kodwa wakuqinisekisa ukuthi babheke kuyona iCasric.