IBENZA bazenyeze indawo abahleli kuyona kwi-log yeDStv Premiership abadlali beRoyal AM ngokusho kukanozinti wayo, uPatrick Nyame.
Lo nozinti waseCameroon ufakane imilomo nethimba labezindaba leRoyal AM ngesimo esingesihle seqembu nangomdlalo weDStv Premiership neSuperSport United namuhla ngo-7.30 ebusuku eTshwane University of Technology (TUT) Stadium, ePitoli.
Emidlalweni yeligi eyisishiyagalombili kusukela kuqale isizini, iThwihli Thwahla kunombolo-14 ikwi-log yeDStv Premiership.
UNyame, oke wanyamalala isikhathi eside kusukela ngesizini edlule, ubesezintini ngesikhathi iqembu lakhe liwashiswa ijezi iSekhukhune United kwi-Last 16 yeCarling Black Label Knocout ngempelasonto edlule ekuhambeni.
Ngesikhathi iRoyal AM ibhekene nayo belu iSekhukhune koweligi ngesizini edlule, uNyame ulimale idolo elimhlalise isikhathi eside engabonakali enkundleni.
Kuke kwavela nokuthi lo nozinti unezinye izinkinga okungazange kunatshwe ngazo, ebezidinga ukuba ahlinzwe kodwa kusobala ukuthi sezidambile njengoba eseqalile nokumbophela umqeqeshi waleli qembu, uJohn Maduka, obesethembele kuXolani Ngcobo noMondli Mpoto, isikhathi eside.
“Ngikholwa ukuthi wonke umuntu ongaphakathi eqenjini uyazi ukuthi kuhlale kubanzima kangakanani uma sibhekene neSuperSport, ikakhulukazi ekuhambeni,” kusho uNyame.
“Iqinisa idolo nokho indlela wonke umuntu abezinikele ngayo ngesikhathi kuqhubeka amalungiselelo alo mdlalo okusemqoka ukuthi siqoqe amaphuzu kuwona.
“Ayikho into emqoka njengokuqoqa amaphuzu esiwombeni sokuqala sesizini ngoba kwesesibili abuya abe olukhulu usizo kwazise kusuke sekulukhuni satshe ukuthola ngisho elokubika ekhaya.
“Engingakuthembisa abalandeli ukuthi kuyasidla ukuthi sihleli kule ndawo engasifanele esikuyona kodwa sizama ngakho konke esinakho ukusuka (kuyona) ngoba isenza sizenyeze,” kuqhuba yena.
Lo nozinti akalilahlile ithemba ngoba uyazi ukuthi ikuphi lapho kufanele bawakhuphule khona kakhulu amasokisi.
“Liyaziwa iqembu lethu ukuthi uma liya phambili linawo wonke amaqhinga adingekayo kanjalo nasemuva sidlala kahle kodwa singenza kangcono ukuze sizoqina njengokhonkolo.
“Lokhu kuzosinika nethuba lokulibeka phansi ngendlela efiswa umqeqeshi ngaphandle kokuxhamazela,” kuphetha uNyame.