ISITOBHA seSuperSport United, uSiyabonga Nhlapo, sifuna basize umgadli wabo uBradley Grobler osethubeni lomlando wamagoli kwiPremier Soccer League (PSL).
UGrobler, obalwa nabagadli abaphambili kwiDStv Premiership, usethubeni lokungena emshungwini wabaqophe umlando wokushaya amagoli angaphezu kuka-100 selokhu kwasungulwa iPSL ngo-1996. Useshaye angu-99 kusukela aqala ukudlala kwiDStv Premiership ngo-2007, eyibamba kwiPlatinum Stars.
Uma engashaya inethi sebebhekene neMaritzburg United koweligi eLucas Moripe Stadium kusasa ebusuku, uzojoyina izinsephe zabagadli eziyisihlanu ezishaye amagoli awu-100 kuya phezulu okunguSiyabonga Nomvethe (123), Mabhuti Khenyeza (110), Manuel "Tico Tico" Bucuane (107), Daniel "Mambush" Mudau (110) noCollins "Ntofontofo" Mbesuma (103).
"Kumfanele uBradley ukungena emlandweni. Ungomunye wabagadli abadlala ngokukhulu ukuzimisela. Nginesiqiniseko sokuthi ukuba akaphazanyiswanga wukulimala ngabe kade awashaya amagoli awu-100. Uma egcina ewuqopha umlando kuzoba yinto enkulu kuyena naseqenjini. Kuzoba umklomelo omkhulu ayohlala ewubuka ngisho esephanyeke amakhokho emgibeni. UBradley ubalulekile kithina. Uma engekho noma elimele kuyabonakala eqenjini lethu," kusho uNhlapo.
"Usethubeni lokuqopha umlando kodwa akakhulumi nangakho ejimini. Ukuba ngomunye ngabe siyazi sonke. UBradley, ubeka phambili iqembu kunezinto eziza kuyena. Abagadli abaningi abafiki lapho ekhona ngisho beqale kahle kodwa bashintsha amaqembu kuphele ngabo. Yena kodwa uqhubekile nokuzikhandla. Kufanele simphakele amabhola kakhulu kusasa ukuze ezongena emlandweni. Nginesiqiniseko sokuthi uzolishaya igoli."
UGrobler, ohlala ebalwa nabagadli abayingozi kwiPremiership, uwine umklomelo wamagoli iLesley Manyathela Golden Boot Award emuva kokushaya amagoli angu-16 emidlalweni yeligi ngesizini ka-2020/2021. Kulena ka-2022/2023 usevele ushaye ayisishiyagalombili. Ulandela ngelilodwa uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns oseshaye ayisishiyagalolunye. ISuperSport isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-33 emuva kwemidlalo engu-20.
"Sifuna ukuzinza endaweni yesibili. Yilokho okusemqondweni wethu. IMaritzburg ayilona iqembu elilula kodwa uma siphumelele ukubhekana nobunzima bokuhlaselwa yiRoyal AM, angiboni sizohluleka kwiMaritzburg. Inhloso yethu icacile kodwa sibhekana nomdlalo ngamunye," kusho uNhlapo.