LIKHALA liyazithulisa iphini lomqeqeshi kwiRoyal AM, uPostnet Omony, ngokuhlwithwa yiKaizer Chiefs uTebogo Potsane (29), obengesinye sezibani kuleli qembu laKwaZulu-Natal.
Ngempelasonto edlule AmaKhosi asecijwa nguMolefi Ntseki, amemezele ukuthi lo mdlali oyibamba ophondweni lwesokudla, usayine inkontileka yeminyaka emithathu.
“Akulahlwa mbeleko ngakufelwa. Okwethu njengamanje wukumfisela inhlanhla kwiKaizer Chiefs. Njengoba ngibalisa nje, iChiefs ibingeke imthathe ukuba ubengeyona le nto eyidingayo,” kusho u-Omony, kwethulwa iPrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup.
“Besisabheke lukhulu kuye ngesizini ezayo. Akusenani sonke siyazi ukuthi impilo yebhola injalo.”
UPotsane ujoyine uThathayoane Ditlhokwe waseBotswana obedlala kwiSuperSport United, Given Msimang obekwiTS Galaxy, Mduduzi Mdantsane obedlala kwiCape Town City, Ranga Chivaviro obesemabhukwini eMarumo Galants no-Edson Castillo waseVenuezela.
U-Omony uzolekelela ekuvaleni isikhala sikaKhama Billiat, otelekele inkontileka entshe kwiChiefs.
UPotsane ungomunye wabadlali abathengwa nguShaun “MaMkhize” neBloemfontein Celtic ngamasizini edlule.
Ushiye iThwihli Thwahla eyidlalele emidlalweni engu-18 yeDStv Premiership ngesizini edlule. Udlale emibili yeNedbank Cup.
U-Omony uthe bafe olwembiza ngokuhamba kukaPotsane. Umchaze njengomunye wabadlali abebebalulekile eqenjini.
“Ngimbona ezongena thaqa esitayeleni seChiefs. Ngokumqondo usevuthwe ngokuphelele. Engimcebisa ngakho wukuthi azame ngakho konke ukumelana nengcindezi ezoza nabalandeli beChiefs,” kusho u-Omony, oyiphini likaJohn Maduka.
“Ngeke kusafana njengoba kade edlala kwiBloemfontein Celtic nalapha kithi. Sonke siyazi ukuthi ilandelwa ngabalandeli abaningi iChiefs. Uzoya kude uma ezoqhubeka nokudlala ibhola ebelidlala lapha kithina.”
U-Omony uthe ahamba kahle amalungiselo esizini ezayo futhi sebekhululwa nawukususwa kwesivimbelo ebebegwetshwe ngaso yiFifa sokungasayinis abadlali.
Uthe abayanga ndawo, bakhempele endaweni yabo eRoyal Ranch eseMgungundlovu.
KwiLegacy Cup boshelwe neRichards Bay, AmaZulu neMbabane Swallows yaseSwatini.
IThwihli Thwahla izophinde ibe yingxenye yeKZN Premier's Cup eqala ngoJulayi 21. Nakhona kuboshelwe uSuthu, Bay, Lamontville Golden Arrows, Maritzburg United neMilford.
U-Omony uveze nokuthi uMaMkhize uthe ufuna ukubuyela e-Afrika.
“Uyabona-ke ukuthi akuzusiniswa amahleze ngesizini ezayo. Uma umphathi wethu ethi ufuna sibuyele emiqhudelwaneni yeCaf, lokhu kusho ukuthi kumele siqede kwi-top 2 noma kwi-top 3,” kusho u-Omony.
“Kusho nokuthi kumele sinqobe iNedbank Cup.”
Ngesizini ka-2022/23, ezikaMaMkhize ziqede kweyesi-11, ngamaphuzu awu-35.