ABADLALI be-Orlando Pirates abawuvali umlomo ngegalelo likaMabena, ngesikhathi belungiselela umdlalo wamanqamu weMTN8 ngemeplasonto, lapho bequqise AmaZulu FC ngo-1-0.
Ukaputeni wompetha beMTN8, u-Innocent Maela, nomgadli wabo ongaconsi phansi kubalandeli uKermit Erasmus, bebesohlelweni lukaRobert Marawa, iMarawa Sports Worldwide. Bakhulume ngobuhlakani obuhamba neziyalo abakuthola nsuku zonke kulo mgadli ogcine ukubonakala kwiRoyal AM ngesizini edlule.
Kusukela ehlukanise neThwihli Thwahla ahambe sekukubi kuyona uMabena (35), ubonakala eziqeqesha nePirates osekuvela namahlebezi okuthi maduze izomethula njengomdlali wayo.
“Akekho ongazi ukuthi uMabena ungomunye wabadlali asebengomakadebona ebholeni laseNingizimu Afrika, ngakho-ke iziyalo zakhe ngaphambi kowamanqamu weMTN8 ziyitholile indawo kwabaningi bethu,” kusho uMaela ohlelweni olusakazwa yiVuma FM.
“Ukuba nomuntu ofana naye ekhempini kuyisibusiso ngoba konke esisazodlula kukona, yena usekubonile. Ubezihlupha ngami ngaphambi kowamanqamu engikhumbuza njalo ukuthi okumqoka ukugxila emdlalweni hhayi ekutheni inkundla igcwele noma kukhona bani.
“Ungumdlali ophambili futhi usekwenze konke. Uwusizo eqenjini hhayi kimina ngedwa kepha kulona lonke,” kuphethaukaputeni.
Uma kungukuthi uzogcina ethuliwe njengomdlali omusha, uMabena uzobe esebuya okwesibili kwiBucs, njengo-Erasmus osanda kubuyela kuyona esuka kwiMamelodi Sundowns.
“UMabena uyisibonelo sokuthi uma uziphatha kahle, iminyaka yakho yinto engasho lutho ebholeni,” kusho u-Erasmus.
“Ngeke sikhule uma singakhulisani ngakho-ke uma uMabena engumqemane ngokwanele futhi esakwenza ngendlela okudingekayo, nakanjani ithuba limfanele. Ngaphandle komdlali, uMabena indoda ethembekile ngakho ngingakujabulela ukuya empini nomuntu onjalo,” kusho u-Erasmus.
Kanti iphini likaJose Riveiro, ebelihamba nabadlali uSergio Almenara, liphawulile ngoMabena limncoma ngokunye akwenzayo.
“Ngitshelwe nguMiguel (Timm) ukuthi bafika kuqala benoMabena futhi yibona abahamba sekuhambe wonke umuntu bematasa nokuzithuthukisa ngabodwana. Lokho kukodwa kuyixoxa kuyiqede indaba ngokuthi ungumdlali onjani uMabena,” kusho u-Almenara.