Umqeqeshi weThekwini Coastal, uLindani “Mantaye” Shezi, uthi bazosebenzisa umqhudelwano iSolezwe Cup ukuhlonipha elinye ilunga labo lethimba labaqeqeshi elisanda kudlula emhlabeni.
I-Ethekwini Coastal engompetha abavikela isicoco seSolezwe Cup eyayinqoba ngo-2022 iqala ukudlalelwa, iphakathi kwamaqembu angu-21 abesilisa nayisishiyagalombili abesifazane aphuma kuma-Local Football Associations (LFA) angu-21 aseThekwini azobamba iqhaza kwiSolewe Cup eqala kusasa ngoMgqibelo isongwe ngoMsombuluko.
Imidlalo yesigaba samaqoqo izodlalelwa ezinkundleni zase-UKZN Edgewood, eThekwini namuhla. Eyandulela eyamanqamu neyamanqamu izodlalelwa kuyona lenkundla ngoMsombuluko.
Ngokusho kukaShezi ongumphathi nenhloko yabaqeqeshi kwiThekwini Coastal edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League futhi emele iManzimtoti LFA kulo mqhudelwano, uSabo Mnkenyama obesethimbeni labaqeqeshi baleli qembu udlule emhlabeni ngoLwesithathu.
“Lo mqhudelwano sizowudlalela yena uzakwethu uSabo osishiyile futhi sizimisele ngokuwunqoba lo mqhudelwano.
Imiqhudelwano enjengalena isisiza kakhulu ekuzigcineni sibukhali njengoba sesilalelwe yimidlalo embalwa yeligi esisazoyidlala.
Alikho iqembu esilithatha kancane kodwa sizimisele ukuwunqoba lo mqhudelwano, nokuthi sibuyele emidlalweni yethu yeligi siyisonge ngenothi eliphezulu,” kusho uShezi, ezakhe ezizodlala ne-Olova FC kowokuvula ngo-8 ekuseni.
Ngo-2022, iCoastal yadla umhlanganiso kulo mqhudelwano iguqisa iCherrians ngo 2-0 kowamanqamu, kwathi kwabesifazane umhlanganiso wadliwa yiKwaMashu Ladies ihlula iDurban University of Technology (DUT) ngo 4-2.
Nokho, iKwaMashu Ladies ayibuyanga ukuzovikela isicoco sayo njengoba ihlulekile emidlalweni yokuhlungela ukudlala emqhudelwaneni wakulonyaka. Nyakenye awudlalwanga lo mqhudelwano, njengoba sewukhuza ibuya nonyaka.
Imidlalo yeSolezwe Cup:
E-UKZN Edgewood:
NgoMgqibelo:
Ngo-8am:
Asanda FC v Umlazi Warriors; Ethekwini Coastal v Olova FC; KZN Academy v Blues Academy
Ngo-9.20am:
SUB 5 Junior v Happy Stars; Mophela Development FC v Effingham Dlamini FC; Hazelmere FC v Real 5 FC
Ngo-10.40pm:
Squash FC v Slyvester FC; United FC v Asanda FC; Durban South Whale v Ethekwini Coastal
Ngo-12pm:
New Magic v KZN Academy; Mayville FC v SUB 5 Junior; Bombers FC v Mophela Development
Ngo-1.20pm:
Newlands FC v Hazelmere FC; Manning Rangers v Squash FC; Umlazi Warriors v United XI
Ngo-2.40pm:
Olova FC v Durban; Blues Academy v New Magic; Happy Stars v Mayville FC
Ngo-4pm:
Effingham Dlamini FC v Bombers FC; Real 5 FC v Newlands FC;Sylvester FC v Manning Rangers
Kwabesifazane:
Namuhla:
Ngo-10am:
MUT Ladies v Babhambe Ladies
Ngo-11.30pm:
Molweni Warriors v Brazil Academy
Ngo-1pm:
Durban Ladies v Adams City Ladies
Ngo-2.30pm:
Msasa Ladies v Toti Ladies