KUNGENZEKA aphenduke undingasithebeni umdlali we-Orlando Pirates, uNkanyiso Zungu, oxoshwe yiRichards Bay United abekade ebolekiswe kuyona.
UZungu, okhulele enkulisa yaMaZulu, ukhonjwe indlela yiBay ekuqaleni kwesonto ngenxa yokungaziphathi kahle. Ubolekiswe kuleli qembu yiPirates ekuqaleni kwesizini ehambisana no-Abel Mabaso ngoba esesizwa ngendaba isikimu kweZimnyama. Kuvele ukuthi ukungaziphathi kahle kwakhe kubame emphinjeni abaphathi beqembu, okuholele ekutheni agcine engabonakali enkundleni kwiBay.
Imenenja yeNatal Rich Boys, uJames Dlamini, ivumile ukuthi sebehlukene noZungu. Lo mdlali wasesiswini, othandwa ngabaningi ngenxa yekhono lakhe, udlale imidlalo engu-12, washaya inethi kanye kuleli qembu.
"Kuyiqiniso ukuthi uZungu akasekho eqenjini kodwa asifuni ukwenaba ngokuningi ngenxa yokucabangela ikusasa lakhe. Kuningi okwenzekile futhi kade sesibekezele kakhulu. Yikho sithathe isinqumo sokuthi abuyele kwiPirates ebesimboleke kuyona," kusho uDlamini.
UZungu kulindeleke ukuthi abuyele kwiPirates aphelelwa yinkontileka nayo ngoJuni.
Kungenzeka ukuthi ukuxoshwa kwakhe kwiBay nomlando wokungaziphathi kahle kumakhele isigcwagcwa nakwamanye amaqembu.
Lokhu kwenzekile kubadlali okukhona kubona uMasibusane Zongo, Phakamani Mahlambi, Junior Khanye noSiphelele Ntshangase osanda kuxoshwa yiBlack Leopards. Bonke laba bebedume ngokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla.
KuMaZulu, uZungu ukhonjwe indlela ngo-2018 emuva kokumbolekisa kwiJomo Cosmos. Ugcine ededeliwe wajoyina iStellenbosch United ayisize yawina iligi yeMotsepe Foundation Championship ngaphambi kokujoyina iPirates ngo-2019. KwiPirates ulandelwe yimibiko engemihle okukhona kuyona eyokuboshelwa ukushaya intombi ngoMashi nyakenye. Imenenja kaZungu, uMike Makaab uthintiwe ngocingo wathunyelelwa nomyalezo ngodaba lo mdlali nekusasa lakhe, wangaphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.