PHEZU kokuba umqeqeshi weBarcelona, uXavi Hernandez eseke waphumela obala ngokuthi uzoshenxa esikhundleni sokuqeqesha leli qembu ekupheleni kwale sizini, abaphathi balo sebekuvezile ukuthi banezinhloso zokumshintshisa umqondo.
UXavi (44) okuyisizini yakhe yesithathu eqeqesha iBarcelona ayijoyine maphakathi nesizini ka-2021/2022, waphumela obala ekupheleni kukaJanuwari ngemuva kokuxetshulwa kwezakhe yiVillarreal ngo 5-0 emdlalweni weSpanish La Liga, wathi uzoshenxa ekupheleni kwesizini.
Lokhu bekuyinkomba yokuthi isiyazwela ingcindezi kulo mqeqeshi njengoba izinto zisaphika kule sizini, nakuba esanethuba lokulinqobela isicoco leli qembu.
IBarcelona engompetha abavikela isicoco seSpanish La Liga, kubukeka kusengumqansa kuyona ukuthi ingayiphinda iligi. Izimbangi zayo ezinkulu iReal Madrid zivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalombili esicongweni se-log yalesi sigaba.
Nokho, la maqembu asazodudulana kowomlenze wesibili wesizini kowe-El Clasico ngo-Ephreli 21.
Umengameli weBarcelona, uJoan Laporta ucashunwe yi-90min.com, eveza ukuthi angathanda ukubona uXavi eqhubeka nokuqeqesha leli qembu.
“Ngingathanda ukuthi aqhubeke kodwa ngamtshela nangalesiya sikhathi ekhuluma ngokuthi ufuna ukushiya ekupheleni kwesizini, ukuthi vele ingcindezi yinto okufanele ahlale eyilindele kuleli qembu, yinto yakhona vele.
“ Ngabe sengimbuza ukuthi ikhona yini indlela angashintsha ngayo umqondo ngoba ngimbona nasebusweni ukuthi ingcindezi isiyazwela kuye. Ngamtshela ukuthi akakhululeke,” kusho uLaporta kwi-90min.com.
ULaporta uqhubeke ngokuthi lo mqeqeshi usasho namanje ukuthi uzohamba ekupheleni kwesizini, kodwa sizobona.
Uthe ngeke bazifakele leyo ngcindezi njengamanje ngoba iqembu lisenza kahle. Uyazi naye ukuthi ukuhamba nokuhlala kwakhe kuzoncika ekutheni isizini siyiphetha kanjani. Kodwa unayo into emkhuthazayo ekutheni kubekhona akuzuzayo ngaphambi kokuba kuphele le sizini..
Lesi sikhulu sisho kanjena nje, iBarca kubukeka isiqala ukuwuthola umgqigqo. Ayikehlulwa emidlalweni ewu-10 kuyo yonke imincintiswano, okunezezelwa nawukuzibekisela indawo kuma-quarterfinal e-Uefa Champions League lapho izodudulana khona neParis Saint Germain (PSG) ngo-Ephreli 10 kowomlenze wokuqala.
Ukubuya ekulimaleni kwezinye zezethenjwa zaleli qembu, okubalwa kuzo umgadli uRobert Lewandowski, kubukeka kufike ngesikhathi esikahle.
Ngemuva kokuxebula i-Atletico Madrid ngo 3-0 kowokugcina weLa Liga ngaphambi kwekhefu leFifa, iyathembisa.
Izobuyela ensimini ngokubhekana neLas Palmas koweligi, namuhla ngo-10 ebusuku, e-Estadi Olimpic Lluis Companys, eBarcelona.
UXavi ojoyine iBarca ngesizini ka-2021/2022 esuka kwi-Al Sadd yaseQatar wayenganikwe thuba yiningi lezingqapheli zebhola ekuqeqesheni leli qembu elinomlando, kodwa ngesizini edlule wakwazi ukunqoba iSpanish La Liga neSupercopa de Espana.
Imidlalo yeSpanish La Liga:
Namuhla- Ngo-3pm: Getafe v Sevilla
Ngo-5.15pm: Almeria v Osasuna
Ngo-7.30pm: Valencia v Mallorca
Ngo-10pm: Barcelona v Las Palmas
NgeSonto - Ngo-2pm: Celta Vigo v Rayo Vallecano
Ngo-4.15pm: Girona v Real Betis
Ngo-6.30pm: Alaves v Real Sociedad
Ngo-9pm: Real Madrid v Athletic Club
NgoMsombuluko - Ngo-9pm: Villarreal v Atletico Madrid