Bafana Bafana (0) 0
Malawi (0) 0
UKUSONGWA kweHollywoodbets Cosafa Cup izolo kuzophinde kuyiqale phansi inkulumo-mpikiswano ngokuthi abadlali abebebizelwe kwiBafana Bafana eqede endaweni yesithathu kulo mqhudelwano balisebenzise ngendlela yini ithuba abebelinikiwe.
ULyle Lakay, Shaune Mogaila, Iqraam Reyners, Tshegofatso Mabasa noRowan Human bonke bawashaye phakathi amaphenathi abo okunqobisa leli qembu lesizwe ngo 5-3 emdlalweni wokubanga indawo yesithathu obuphele ngo 0-0 eKing Zwelithi Stadium, eMlaza.
Kusukela umqeqeshi weBafana, uMorena Ramoreboli, elimemezele leli qembu phambi kokuqala komqhudelwano, bekunomuzwa wokuthi libunjwe ngabadlali abaphelelwe izinkontileka emaqenjini abo.
Abazazi kangcono bebebika ukuthi inhloso ngalokhu bekuwuveza laba badlali emaqenjini angabasebenzisa njengoba kuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership ngenyanga ezayo.
Yize kungakaqinisekiswa kodwa ayaqina amahlebezi okuthi omunye wabagadli abebegqamile kulo mqhudelwano, uTshegofatso Mabasa, useqede konke neMoroka Swallows.
Abadlali abafana noHuman, Bonginkosi Makume noGenino Palace abadliwe izembe neMaritzburg United badlale kahle kangangokuthi sekuvela nezindaba ezimatanisa uHuman namanye amaqembu athathwa njengamakhulu eGoli.
UMakume ukhonjwa kwelaseThekwini kodwa nakhona bekungakaqinisekiswa lutho. Omunye umdlali okubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelela kuphi kulandela ukugqama kwakhe eThekwini, uLesedi Kapinga, osanda kuhhlukana neMamelodi Sundowns.
Ngeke aliswele iqembu lo mdlali ngoba ayaziwa amagalelo.
NoLakay, obebolekiswe kwiCape Town City ngesizini edlule kubhekiwe ukuthi kuzokwenziwani ngaye.
USibongiseni Mthethwa noRayners bangabanye babadlali okungangatshazwa ukuthi bebegqamule kwiCosafa kodwa indaba yabo ihlukile ngoba baneqembu elisazimisele ngokusebenza nabo, iStellenbosch FC.
U-Olwethu Mzimela ovimbe kwemibili yokugcina okuhlanganisa nowayizolo noVictor Letsoalo bathole ithuba lokuziveza nokuthatha iso lomqeqeshi omusha kuMaZulu, uPablo Franco Martin, osanda kusayina inkontileka yeminyaka emithathu Osuthiwini.
Abadlali abafana noJethren Barr ovimbe kahle kwaze kwaba uyaphunyuzwa kowandulela owamanqamu noThabo Cele abanesipiliyoni sokudlalela amaqembu aphesheya kwezilwandle, yibo cishe okubhekwe kakhulu ukuthi bazowathola yini amakhaya.
Amaqembu eDStv Premiership eseqalile ngamalungiselelo awo okuqala kwesizini entsha ngo-Agasti 4.