ABANYE abanikazi bamaqembu adlala kwi-ABC Motsepe League, bawotha ubomvu ngesenzo seSouth African Football Association (Safa) ekhiphe umyalelo wokuthi abaqeqeshi abasebenza kulesi sigaba babe nezicucu ezibizwa nge-Caf C Licence.
NgoMsombuluko le nhlangano ephethe ibhola kuleli, ibhalele abanikazi bamaqembu ibazisa ukuthi njengoba kuzoqala isizini ka-2023/24, kuzoba yimpoqo ukuthi amaqembu abo aqeqeshwe ngabano-Caf C Licence. Iqhube yathi amaphini abaqeqeshi kumele abe nezicucu eziyi-Safa D Licence.
Ukuze konke lokhu kube yimpumelelo i-Safa ithe ngoSepthemba izokwenza izifundo ze-Caf C Licence. Iveze nokuthi bonke abasethimbeni labaqeqeshi kumele babhalise ku-MYSAFA.
Kule ncwadi Isolezwe eliyibonile, kubuye kucelwe amaqembu ukuthi athole izinkundla ezinocingo oluhlukanisa abadlali nezihlwele.
Abanikazi bamaqembu aKwaZulu-Natal abakhulume neSolezwe bakhale ngokuthi kuzomba eqolo ukuqasha abaqeqeshi abaneziqu ze-Caf C Licence.
USithembiso "Mashalofu" Mabaso ongumnikazi woMkhumbane Classic, uthe okubuhlungu wukuthi i-Safa isiqhamuka isibafunza ngalezi zindaba-nje kayizange ibonisane nabo.
"Okokuqala nje yibhola lama-amesha leli. Yonke into iphuma emaphaketheni ethu. Engikwaziyo wukuthi kuzomba eqolo ukuqasha abaqeqeshi abane-Caf C Licence. Ngabe ngiyezwa ukube i-Safa kukhona esixhasa ngakho. Idlala ngathi," kubeka uMabaso.
UMkhokhiseni Mpanza ongusihlalo woMsinga United, uveze ukuthi kuthe esamangazwe yilezi zindaba, wathola i-email ephuma kwi-Safa ebaphoqa ukuthi kumele baqashe odokotela.
Uthe kule ncwadi bayalelwe ukuthi bahambise odokotela emhlanganweni ozoba ngoJulayi 4, eLangeni Hotel, eThekwini.
"Ngiyazibuza ukuthi i-Safa kungani ingasicabangeli. Ngabe ngiyezwa ukube kukhona esixhasa ngakho. Sizoyithatha kuphi imali yokuqasha abaqeqeshi abane-Caf C Licence neyokukhokhela odokotela?
“Encwadini engiyitholile, umhlangano wodokotela esifunzwa ngabo uzoqala kusihlwa ngo-6. ISafa iyakucacisa ukuthi kayizuba khona indawo yokulala. Izindleko zizokhokhwa ithina. Kuyasinda ukuphatha iqembu," kukhononda uMpanza.
ULindani Shezi ongumnikazi nomqeqeshi weThekwini Coastal, uthe muhle umqondo we-Safa mayelana nalezi ziqu kodwa inkinga umnqamulajuqu usondele futhi kabezukuxhaswa ngalutho.
"Asethembe uMnyango wezeMidlalo uzosixhasa,“ kusho uShezi.
Leli phephandaba lithole ukuthi nguR5 000 ukwenza u-Caf C Licence bese kuba nguR2 500 kwi-Safa D Licence. UKwenzokwakhe Ngwenya ongumengameli we-Safa KwaZulu-Natal, uthe bamane bayakhala nje abanikazi bamaqembu, lolu hlelo abeza nalo luzolithuthukisa ibhola lakuleli.
"Lolu hlelo luqhamuke noTechnical Director we-Safa (Walter Steenbok). Indaba yezicucu ibaluleke kabi kuye. Empeleni lolu hlelo luphuma kwi-Fifa. Indaba yezicucu ngisho emazingeni aphansi kade yaqala e-Europe. Bheka-ke ukuthi izinga lebhola lithuthuke kanjani khona. Akekho umqeqeshi ozoxhaswa, indaba yeziqu ngeyomuntu ngayedwana," kubeka uNgwenya.
NgoLwesibili, uSteenbok ekhuluma kuqhathwa amaqembu azodlala ku-U/15 Technical Development Scheme, eSafa House eGoli, uveze ukuthi balindele ukuthi i-Caf ibanike igunya lokwenza izifundo zika-Caf A no-Caf B Licence. Udalule nokuthi i-Safa seyikhiqize obaqeqeshi abawu-25 000.