BAZISHAYA isifuba ngokushukumisa i-Premier Soccer League (PSL) abaxhasi beCarling Black Label Knockout esongwe ngempelasonto.
Lo mqhudelwano ongene esikhundleni seTelkom Knockout, unqotshwe yiStellenbosch FC ehlule iTS Galaxy kowamanqamu, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo. Igoduke nesheke likaR6.6 million.
Ngaphandle kwengcwenga yebhola edlalwe kulo mqhudelwano, obekugqame ngawo imiklomelo yabadlali kanjalo neyabalandeli, u-Arne Rust oyisikhulu sabaxhasi beCarling KO, utshele abezindaba ngawo ukuthi baswele amaphiko ngenxa yenjabulo edalwe impumelelo yalo mqhudelwano.
“Thina nebhola laseNingizimu Afrika sisuka kude kodwa ngaso sonke isikhathi uma kuzoba nokusha esikwenzayo lusasishaya uvalo ngoba sisuke singazi ukuthi (lolu shintsho) luzokwamukelwa kanjani kubalandeli,” kusho uRust.
“Sizishaya isifuba ngokufaka ugesi kwiPSL ngemiklomelo econsisa amathe ebesiyivulele abalandeli nokubasondeza futhi kunobhutshuzwayo esingakukhohlwa njalo ukuthi baphila ngawo.
“Ukuzibophezela kwethu kubalandeli akugcini ngowamanqamu kwazise ibona futhi okuzoba izwi labo ukuthi obani abazodlala kwiCarling All Stars neStellies ngoJanuwari 6, ePater Mokaba Stadium, ePolokwane,” kulandisa uRust.
Omunye wemiklomelo engajwayelekile ebithinta abalandeli obekufanele bavotele umdlali ovelele wosuku. Umdlali othola amavoti amaningi ubethola isheke likaR100 000, okuyimali enkulu etholakala ngalo mklomelo kwiPSL.
Kuke kwaba nemvunge ngalo mklomelo ngesikhathi kucaca ukuthi abadlali bamaqembu alandelwa kakhulu banethuba elingcono lokuwunqoba kodwa lokhu kuphinde kwehla ngoba wona la maqembu athathwa njengamakhulu, asheshe aphuma wonke kwiCarling KO.
Omunye umklomelo owabalandeli wokuqagela umzuzu okuzongena ngawo igoli.
Lo mqhudelwano ubuvulele abalandeli ithuba lokuhlabana ngoR90 000 omele imizuzu engu-90 yomdlalo kwehle ngo-R1 000 kuze kube umdlalo uyaphela.
Ngokusho kukaRust, imiklomelo yabalandeli ayimile kwazise ithuba lokuvotela abadlali nomqeqeshi be-All Stars lisavulekile kuze kube phakathi kwamabili ngoLwesine.
URust uthe uJose Riveiro, we-Orlando Pirates, uyena osahamba phambili ngokuvotelwa njengomqeqeshi wesikwati sekhetho. Umiswe kabi uRhulani Mokwena, weMamelodi Sundowns.
“Asazi ukuthi ubani okwamanje ozoqeqesha leli qembu elizobunjwa ngabadlali abahlanu beDStv Diski Challenge (DDC) kodwa uRiveiro usahamba phambili kuMokwena yize sikuqaphela ukuthi ababaningi abadlali bompetha beligi esikimini esakhiwa abalandeli,” kuphetha uRust.
Okunye okuqaphelekile ngesikwati esisavotelwe wukuthi unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ungomunye wabahamba phambili ngamavoti. UKhune usamisiwe yiChiefs ekuzihlanganiseni neqembu ngemuva kokulahlwa icala lokungaziphathi kahle. IChiefs ayiphumelanga obala ngokuthi yimuphi umgomo noma umthetho weqembu awephula uKhune kodwa imibiko esabalele yaveza ukuthi lo nozinti wafika ejimini eqhafile.
Ukuze uvotele ukufaka esikimini umdlali omthandayo kudingeka ukuthi uthenge ubhiya bese ulandela imigudu ebhalwe ebhodleleni (*120*660#).
Kuze kube imanje isikimu se-All Stars sisami kanje:
Itumeleng Khune (34455); Jabulani Mokone (8400); Olisa Ndah (9978); Thabo Nkabinde (3795); Masibonge Ngidi (5003); Kagiso Mnguni (14532); Ben Motshwari (4754); Edson Castillo (5206); Mfundo Vilakazi (11146); Ashley du Preez (34159); Kermit Erasmus (35770).