UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uwukhomba kubadlali umunwe ngokubhimba kwezinto kuleli qembu lasePhefeni.
IChiefs itabalasa endaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership, isawine kabili emidlalweni eyisikhombisa kule sizini. Ukushaya into ephansi kwaMakhosi kuletha indumalo kubalandeli ngoba kuqale isizini entsha benethemba lokushintsha kwezinto ngaphansi komqeqeshi, u-Arthur Zwane.
Ngaphezu kwalokho, iChiefs isayinise abadlali abasha abebeshaya into ecokeme emaqenjini abasuka kuwona. Nokho kwiChiefs, abanye abakalikhombisi izinga abaziwa ngalo.
UKhune uthe iyamkhubaza into eyenzekayo eNaturena. Wathi kukhona abadlali abangakakholwa ukuthi sebedlalela iChiefs.
"Iyangikhubaza lento ngoba wonke umuntu unomsebenzi okufanele awenze, ukuze siqinisekise ukuthi iqembu libuyisa izinsuku zenjabulo. Ngibona sengathi iningi lethu lisajabulela ukuba seduze nabadlali abadumile noma asikakholwa ukuthi sesidlalela iKaizer Chiefs ngoba asikenzi lutho. Kufanele sikuqonde ukuthi sesidlalela iKaizer Chiefs manje, siqale ukudlalisa okomdlali weKaizer Chiefs ngoba abalandeli bafuna imiphumela, nokuthi sidlale kahle ngaso sonke isikhathi. Yilokho okufanele sikulungise," kusho uKhune, kwabezindaba ngoLwesine.
IChiefs, ebuye seliyoshona ithola iphuzu kwiMarumo Gallants ngempelasonto edlule, ilungiselela ukubhekana neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, eFNB Stadium.