KUBUKEKA izinkinga zibiza ezinye kwiMarumo Gallants njengoba kuvela ukuthi abadlali bayo bake basabisa ngokungalubhadi e-Egypt, ukuyodlala umlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeCaf Confederation Cup.
NgeSonto, iBahlabane Ba Ntwa kumele idlale nePyramid, ngo-6 ntambama, e-30 June Stadium. Ngokusho komthombo kumele leli qembu lilifulathele namuhla elakuleli.
Ngokuthola kweSolezwe, laba badlali basabisa ngalokhu ngoba benengwa usihlalo waleli qembu, u-Abram Sello, abathi usebashaya indiva ukubakhokhela amabhonasi abo.
Ngokusho komthombo, lesi sikhulu sibathembise amabhonasi ngokwehlukana kwezigaba zalo mqhudelwano.
Uthe sibathembise ukuthi azoqala ekungeneni esigabeni sabaqoqo, kwesama-quarterfinal, kweyandulela eyamanqamu, ukufinyelala kowamanqoba nokunqoba iConfederation Cup.
Umthombo uqhuba uthe abadlali bacikwa ukuthi uSello akakaze ayithi vu eyamabhonasi selokhu bengene kweyamaqoqo ngoNovemba wanyakenye, futhi njengoba sebengene kuma-quarterfinal, uzithulele nje.
Ku-Group A, iMarumo iqede iqhwakele ngamaphuzu awu-12.
"Okunenga kakhulu abadlali kakhulu ukuthi uSello akezi kubo uma becela umhlangano. Njengoba engabacaciseli ukuthi imali yabo bazoyithola nini, basabisa ngokungayi e-Egypt. Asethembe ukuthi le nkinga izoxazululeka maduze ngoba iMarumo ingazithola ikwelinye ihlazo. Ingaphinde ihlawuliswe kanzima iCaf ngokungawudlali umlenze wokuqala weConfederation Cup. Lesi simo singaba nomthelela ongemuhle nakwiligi," kubeka umthombo.
NgoLwesibili, uSello ucele Isolezwe ukuthi libuye limthinte, wathi usemhlanganweni obucayi.
Kubuzwa uRufus Matsena oyimenenja yeqembu ngale mibiko, uthe uqala ukuyizwa ngaleli phephanda.
Ebuzwa ukuthi bahamba ngasikhathisini namuhla (uLwesine) uthe: "Ngicela ubuyele kulowo okutshele ukuthi abadlali bethu kabafuni ukuya e-Egypt. Uzokutshela yonke imininingwano," kubeka uMatsena.
Kuvela lezi zindaba, iBahlabane Ba Ntwa isematheni ngenxa yokukweleta umnikazi wehhotela laseLibya, uDkt Ali Elzargha, owayisiza ngokuyikhokholela ezinye zezindleko ngesikhathi izodlala ne-Al Akhdar kowamaqoqo.
U-Elzargha waveza ukuthi ingaphezulu kukaR600 000 imali abeyikweletwa yiqembu. Kuthe uma uSello engayikhokhi ngesikhathi okwakuvunyelenwe ngaso, lesi sikhulu savalela uMatsena nodokotela weqembu, u-Amos Dhlomo eLibya. Bahlale cishe amasonto amabili, baze babuya kuleli ngesonto eledlule, ngemuva kokungenelela kukahulumeni.
Ngesikhathi liya eLibya leli qembu lazungeza eTurkey. Leli phephanda labuye lathola ukuthi abadlali abayisikhombisa abakwazanga ukuqhubekela eLibya. Umthombo waveza ukuthi nalaba bathwala kanzima njengoba bazithola sebekhishwa ehhotela. Nokho ngokuhamba kwesikhathi ubuholi beqembu bagcina bukhokhile.
Njengoba iqembu kumele libuyele enhla nezwekazi baningi abazibuza beziphendula ukuthi ngabe ikhona na inkence yokubuyela khona? Okuyizindaba ezithembisayo kwiMarumo ukuthi seyiqala ukwenza kahle kwi-DStv Premiership.
Ike yaba semsileni isikhathi eside. Ayiwazi umpetshini kulandelana kwemine yeligi nosekuyisusile emsileni. Inqobe emibili, yadlala ngokulingana kwisibalo esifanayo. Lokhu kusho ukuthi uma igcina ifikile e-Egypt izofika kwiPyramids isefomini enhle. Ngakolunye uhlangothi, iMamelodi Sundowns ezodlala eyama-quarterfinal neCR Belouizdad yase-Algeria ngoMgqibelo. Ilibhekise khona ngoMsombuluko.