KUVELA ezithi abalandeli beMaritzburg United bayigade ubusuku bonke bayizolo iHarry Gwala Stadium, kulandela ukuthi kubanjwe abantu okuthiwa bebegqoke imibala yeKaizer Chiefs.
Kuthiwa laba bantu bebefuna ukungena kule nkundla ngokungekho emthethweni ngesikhathi leli qembu lizilolonga.
Kuvela lezi zindaba nje, iThe Team of Choice izobhekana nawo AmaKhosi koweligi kuyo le nkundla namuhla ngo-8 ebusuku.
Ngokusho komthombo laba bantu bekungabesilisa noyedwa wesifazane. Bebephethe ngisho umshini wakuthatha izithombe okuchaza ukuthi bebezocoshela.
"Kasiqondi ukuthi laba bebezokwenzani. Sisola ukuthi bebeyizimpimpi njengoba namuhla sizodlala neChief. Bebephethe ngisho ikhamera. Ngenhlanhla basheshe babanjwa, "kubeka umthombo.
Usihlalo weMaritzburg, uFarouk Kadodia uthe bamtshelile abasebenzi ukuthi kukhona abantu abebezama ukungena ngokungekho emthethweni ngesikhathi iqembu lakhe liziqeqesha. Uthe ubesalinde umbiko ophelele.
Ube esecela abantu baKwaZulu-Natal ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzobeseka namuhla ebusuku njengoba besesimweni esingesihle kwi-log.
UDan Dos Santos ongomunye wabalandeli bokuqina kwiMaritzburg, utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi nabo bazwile ukuthi kunabantu abebegqoke imibala yeChiefs abebengena ngenkani ejimini yeqembu labo.
Udalule ukuthi yingakho ngoLwesihlanu bebe nomlindelo walo mdlalo ngaphandle kweHarry Gwala Stadium.
"Besigade konke obekwenzeka kule nkundla. Besibheka abangenayo nabaphumayo. Nanamuhla sizoqhubeka nokuqapha konke okwenzekayo kuze kuba kushaya isikhathi somdlalo.
“Siphinde sabonisana nangamaqhinga okusiza iqembu lethu njengoba lisesimweni esingesihle," kubeka uDos Santos.
UKadodia uthe laba balandeli bebenalo ilungelo lokubamba lo mlindelo inqobo nje uma bengenzanga okuphambene nomthetho.
UVina Maphosa weChiefs uthe: "Kube khona ukungaxhumani ngendlela eqondile. Empeleni bekuzoshuthwa ifilimu enkundleni ebezosetshenziswa ukukhangisa lo mdlalo. Lo ludaba luxazululiwe kwase kuxoliswa kwiMaritzburg".
IMaritzburg kumele inqobe noma kanjani njengoba ilele indawo yesibili uma kusukwa emsileni. Inamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-22.
IChiefs esendaweni yesine kwilog ngamaphuzu awu-34 izolwela ukusonga isendaweni ezoyifaka emidlalweni yeCaf. Umbango ushisa phansi phakathi kwayo nomkhaya bayo i-Orlando Pirates elele isithathu ngamapuzu alinganayo. 34. Kweyesibili kuneSuperSport United ngawu-39.