KUVELA ukuthi iMaritzburg United edonsa kanzima kwiMotsepe Foundation Championship, iqale phansi ukuthungatha umqeqeshi njengoba izinto zingayihambeli kahle kule ligi.
Igama elivelayo kwabafunwayo elikaShaun Bartlett onyusele iCape Town Spurs kwiDStv Premiership.
Isimo kasisihle kwiTeam of Choice njengoba nangoLwesibili ishaywe iBaroka ngo 2-1, ekhaya, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Bekungumdlalo wesithathu kulandelana ithelwa induku.
Emidlalweni eyisithupha yeligi kulandelana ayikaze inqobe.
Kulesi sibalo ishaywe kwemine, yadlala ngokulingana kwemibili. Ngasekupheleni kukaNovemba, iMaritzburg ikhombe indlela umqeqeshi uZipho Dlangalala naye obephikwa yimiphumela. Izintambo zinikwe obeyiphini lakhe, uSimo Dladla.
Ngaphansi kobuholi bukaDladla, leli qembu selidlale emihlanu. Akakanqobi nowodwa weligi.
Ushaye kuphela iBlack Leopards kowokuhlungela ukungena kwiLast 32 Nedbank Cup.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, abanye abalandeli beMaritzburg baxhumane noFarouk Kadodia ongusihlalo weqembu, bemazisa ngokungenami ngendlela iqembu eliqhuba ngayo.
Bamyalele ukuthola umqeqeshi onesipiliyoni, ozosizana noDladla.
Igama okuthiwa lihamba phambili ngelikaBartlett okumanje uhleli ekhaya. Ngokusho komthombo, ubuholi beMaritzburg sebuke bamthinta uBartlett kodwa akucaci ukuthi izingxoxo sezikuphi.
"Impela abaneme abalandeli ngendlela iqembu elidlala ngayo. Kunabathile abamqondile uKadodia bamnxenxa ukuthi athinte uBartlett. Asethembe ukuthi kulokhu zizohamba kahle izingxoxo. Nangaphambi kokuthi kukhonjwe indlela uDlangalala, iMaritzburg beyike yamthinta uBartlett. Imyeke ngenxa yokumba eqolo kwakhe. Uma kuwukuthi uKadodia ufuna ukubuyela esigabeni esikhulu kuzomele angene agamanxe ephaketheni," kubeka umthombo.
Abanye babalandeli beTeam of Choice abakhulume neSolezwe basabise ngokuduba ukuhambela imidlalo uma uKadodia eqhubeka nenkani.
"Inkinga ngosihlalo weqembu lethu ukuthi akayihloniphi imibono yabalandeli. Uma sinomhlangano naye uvuma konke kuthi uma sifulathela azenzele okwakhe. Ngeke sisebenzise imali siphinde sidele impilo yethu, sibuyele emakhaya ezinzulwini zobusuku ngeqembu elingenandaba nathi. Nebhasi leqembu elikhishwayo, esilikhokhela uhhafu, lisishiya ebusuku edolobheni, eMgungundlovu. Emdlalweni weBaroka belingekho, sizigibelele ngemali yethu. Uma izikhulu zeMaritzburg zingashintshi ukwenza sizoduba imidlalo. Ngendlela isimo esiyiyo angiboni singena sigijima kwiDStv Premiership. Mhlawumbe uma kushintsha izinto singabuyela phezulu ngemidlalo yokuhlunga," kubeka omunye wabalandeli.
Ayiphumelelanga imizamo yangoLwesithathu neyayizolo, yokuthola uhlangothi lweMaritzburg. UKadodia akayiphendulanga nemibuzo abethunyelelwe yona.
Kushayelwa ehhovisi leqembu, obambe ucingo uthe lesi sikhulu sivalelene emhlanganweni noYounis Kadodia oyimenenja yeqembu nabanye.
UBartlett uthe ayikaze imthinte iMaritzburg.
"Yebo, akhona amaqembu engikhuluma nawo kodwa iMaritzburg beyingakaze ingithinte," kushaya ngamafuphi lo mqeqeshi.
Ekuqaleni kwesizini, leli qembu like labalwa naphezulu kwi-log.
Liya emaholidini kaKhisimusi selisendaweni ka-11. Lizoze lidlale neCasric Stars, ngoFebhuwari 13.