ISETHENJWA se-Orlando Pirates, uVincent Pule, siyamvikela umqeqeshi uJose Riviera okukhona abalandeli asebeqala ukumngabaza ngenxa yokungafinyeleli kweqembu ezingeni abebelilindele.
URiviero waseSpain, ujoyine eZimnyama ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023 emuva kokugudluzwa kukaMandla Ncikazi (oseyiphini lakhe lesibili) obesizana noFadlu Davids ogcine ngokulishaya iqembu ekupheleni kwesizini edlule.
Bekubhekwe ukuthi uzoyihlanganisa iPirates kwazise inenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu. Nokho eZimnyama ziyaqhubeka nokuhluleka ukucosha amaphuzu nokushaya amagoli. Ngempelasonto edlule ziphoxe izinkulungwane zabalandeli bazo zihlulwa yinqwaba yamathuba, zagcina zikhale ngaphansi kwiMaritzburg United koweligi eMgungundlovu.
UPule uwubhekise kubona umunwe bengabadlali.
"Ungumqeqeshi osebenza ngokuzikhandla nabadlali basebenza kanzima. Siyawaqonda amaqhinga akhe nendlela afunda ngayo umdlalo. Ngebhadi simenzela phansi ngokuhluleka ukuqedela amathuba esiwakhayo. Siyajabula ukuthi sinomqeqeshi ofana nobaba kithina. Uyadlulela ekutheni sikhulume ngebhola. Siyajabula ukuba nomuntu onjalo njengomqeqeshi wethu. Ngicabanga ukuthi uzosisiza kakhulu ekutheni senze kangcono ngabodwana. Ngibona ukuthi sihamba ngomgudu omuhle. Ukuba siyawaqedela amathuba ngabe sikhuluma okunye manje. Sishoda ngenhlanhla ngoba namanye amaqembu ayawathola la mathuba lapho kukhona owenza iphutha balishaye phakathi awine umdlalo. Ngicabanga ukuthi nathi sidinga inhlanhla ukuze siwine eminye yemidlalo," kusho uPule.
Ukushaya into ephansi kweZimnyama kuholele ekutheni abanye babadlali behhewulwe ngabalandeli. Kulaba badlali kukhona umgadli u-Eva Nga ojoyine iPirates esuka kwiChippa United ekuqaleni kwesizini. IPirates isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyisikhombisa. Isawine emithathu kuphela.
"Abalandeli bafuna ukuwina yonke imidlalo. Abawafuni amaphutha. Kodwa ngiyababonga kakhulu ngokuseseka futhi ngithanda ukubagqugquzela ukuthi baqhubeke nokuseseka. Singabadlali senza isiqiniseko sokuthi siwulungele umdlalo. Uma singena enkundleni sisuke sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi siyabajabulisa. Kodwa yibhola leli, wumdlalo wamaphutha," kusho uPule.
NgoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, iPirates izokwamukela iTS Galaxy koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.