ZILOKHU ziqonge njalo izinkinga kwiTS Galaxy, njengoba kuvela ukuthi nabaqeqeshi beqembu lamantombazane abaholile.
Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi abaqeqeshi beTS Galaxy Ladies, uJabulile Baloyi oyinhloko yabaqeqeshi, isekela lakhe uFikile Sithole, umqeqeshi wonozinti uThoko Mndaweni, noYunata Andrews oyiStrenght and Conditioning, kuze kube yimanje abakawutholi umholo kaFebhuwari.
Umthombo udalule ukuthi ngabadlali kuphela abaholelwe. Kuvela lezi zindaba nje, ezinsukwini ezedlule iqembu labesilisa belibambe umhlangano nethimba labaqeqeshi nabanye abasebenzi bebhunga ngokungaholelwa. Kuthiwa sekuphele izinyanga abanye abadlali nabasebenzi bengaholelwa.
Leli phephandaba linayo inkulumo eqoshiwe lapho abasebenzi nabadlali beqembu labesilisa bekhala ngoSukazi, ngokungabazisi ukuthi kungani bengakhokhelwa imali yabo.
Omunye wabadlali uzwakala ekhala ngokuthi okubuhlungu ukuthi uma uSukazi efuna okuthile kubo ufuna kwenziwe ngokushesha. Uma bona befuna ukukhuluma naye uyabaziba.
Kulo mhlangano ubengekho usihlalo. Bekukhona indodakazi yakhe uNjabulo Sukazi, oyimenenja yeqembu.
Kuwo inhloko yabaqeqeshi, uSead Ramovic izwakala ithi sekuphele isikhathi eside ekuphika kwabezindaba ukuthi abadlali abaholile. Ucashunwa ezama ukuvikela isithunzi seqembu.
Kuphinde kuzwakale omunye ecela ukuthi kufakwe imali yesoso ukuze kuzosizwa labo abangakhokheliwe.
Leli phephandaba lithole nokuthi abanye babasebenzi bebewotha ubomvu ngesenzo sikasihlalo weqembu sikuletha kulo mhlangano uNjabulo okuthiwa uneminyaka ewu-22, abakhala ngokuthi uyingane uluhlaza, akazi lutho ngosizi ababhekene nalo.
"Izinto zimapeketwano kwiGalaxy. Nabaqeqeshi beqembu labesifazane alikayitholi imiholo kaFebhuwari. Kuholelwe abadlali kuphela njengoba kwenzeka nakwelabesilisa," kushwabula umthombo.
UDudu Sukazi, ongumengameli wamaQueens ukuphikile ukuthi laba baqeqeshi abayitholile imali yabo.
"Ayikho leyonto. Ngihamba nabo, uyafuna ngikukhulumise nabo? kubuza umengameli. Unike omunye wabaqeqeshi. Bekuzwakala sengathi basemgwaqweni. Leli phephandaba alikhulumanga kahle naye njengoba ubelokhu enqamuka kodwa obekuthuka kuzwakele ubenkwankwaza engaphumeli obala.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi kuqalwe ukujima, uRamovic uxoshe izisebenzi ezimbili ezisola ngokuthi yizo ezipotshoze inkulumo eqoshiwe.
"Laba basebenzi bathole umyalezo kuNjabulo ebatshela ukuthi kumele baye ejimini. Bathe uma befika khona umqeqeshi wabatshela ukuthi bangaphinde balubhade emsebenzini ngoba sebexoshiwe ngoba yibo abapotshoze le nkulumo eqoshiwe," kubeka umthombo.
Umthomboongaphakathi udalula ukuthi uSukazi ufike ejimini washiya angalazi wathi abangaholile izimali zabo bazoze bazithole ekupheleni kukaMashi.
"Okucike abaningi ukuthi uphinde wathi abayifuna manje imali yabo uzobanika. Nokho kumele bazi ukuthi kuzobe sekuphelile okubahlanganisa neqembu."