KUFANELE ukuba kuqhuma ikhanda kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba beyiqale kahle isizini entsha ngokwahlukana kwamaligi emhlabeni abagadli ajwayele ukuqalaza ngakubona kwazise isisondele eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ne-Africa Cup of Nations (Afcon).
UZakhele Lepasa, we-Orlando Pirates, Mihlali Mayambela we-Aris Limassol yaseCyprus, Bongokuhle Hlongwane weMinnesota United yase-United States of America (USA), Lyle Forster weBurnley yase-England bagqamile emaqenjini abo kulezi zinsuku.
UTau we-Al Ahly esanda kuvala eyabo isizini kodwa isongwe evutha amalangabi. Bazovula ngoSepthemba.
Omunye wabagadli abaphambili baseNingizimu Afrika kodwa ohlushwa ukulimala, uLebohang Mothiba, naye useqalile ukuwaqhulula kwiRC Strasbourg yaseFrance.
ULepasa obonakala ezelwe kabusha kweZimnyama usanda kuqhulula amathathu bebhekene neSekhukhune United koweMTN8. Unamabili emidlalweni yeDStv Premiership.
UMayambela useshaye amane wakha amabili kwiLimassol kulezi zinsuku njengoba ilwela ukuzifaka kwi-Uefa Champions League.
Laba bagadli bagila izimanga nje kodwa okwenziwa uHlongwane kwiMLS kuyamangalisa kwazise usemjahweni wamagoli noLeonel Messi.
UMessi we-Inter Miami ungcono ngegoli elilodwa kuHlongwane onayisikhombisa kuyona yonke imiqhudelwano kule sizini.
Nakuba uForster eqale ngebatha kwiligi beshaywa iManchester City kodwa ukhombisile kulo mdlalo ukuthi uzoba nesizini enhle kwi-English Premier League (EPL).
Bonke laba bagadli kufanele wukuthi bazomphathisa ngekhanda uBroos, okumele ahlanganise iqembu elizodlala eyobungani maduze ukuzicijela i-Afcon engoJanuwari.
“Kuhle konke futhi kusemqoka ukuthi kujatshulelwe kodwa kuzofana neze uma laba badlali bezogcina ngokuqala kuphela.”
Lo umbono kaSandile “AK 47” Ndlovu wodumo kwiMaritzburg United, Dynamos, Mamelodi Sundowns nakwiMoroka Swallows.
UNdlovu elingasali igama lakhe uma kukhulunywa ngabashayi magoli abaphambili eNingizimu Afrika, utshele Isolezwe ukuthi kuhle ukuthi laba bagadli baqale ngale ndlela kodwa kufanele baqhubeke nomgqigqo.
“Ngibafisela isizini enhle bonke kodwa uLepasa uyena engimkhulekela kakhulu ngoba unomzimba esingajwayele ukubanawo kubagadli,” kusho uNdlovu.
“Ukuze kuqhume ikhanda kuBroos, kufanele bonke laba badlali baqhubeke ngendlela abaqale ngayo kuze kube kufika isikhathi se-Afcon.
“Inkinga esinayo eMzansi ukuthi abagadli baqale kahle kuphinde kushabalala noma uzwe sekuthiwa uselimele,” kusho uNdlovu.
Ngaphambi kokuthi iBafana ibhekise amabombo e-Ivory Coast, kumele iqale ngemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba.
NgoSepthemba iBafana izozwana amandla neNamibia neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngokwahlukana bese iphinde ibhekana ne-Eswatini ne-Ivory Coast ngo-Okthoba.
Kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iBafana ikuGrou C neNigeria, Benin, Zimbabwe, Rwanda neLesotho.