ABADLALI beMamelodi Sundowns kumele banconywe kakhulu ngokugcina umgqigqo omuhle nokuholele ekutheni banqobe isicoco seligi okwesithupha kulandelana, ngokusho komqeqeshi waleli qembu, uRhulani Mokwena.
AmaSandawana abengadlali kwiDStv Premiership kule mpelasonto edlule njengoba ebeyibambe kwiCaf Champions League. Yize kunjalo kuphele usuku lwangoMgqibelo esengompetha beligi ngokusemthethweni ngesikhathi iqembu ebelisenethuba elincane lokuwabamba, iSuperSport United, libambana ngo-1-1 neChippa United emdlalweni walo weligi.
Lokhu kusho ukuthi alikho iqembu elizokwazi ukufinyelela emaphuzwini angu-59 asehlanganiswe yileli qembu laseMamelodi, nokuchaza ukuthi seliphinde lamuka naso isicoco seligi lisasalelwe yimidlalo eyisikhombisa.
Lezi zindaba lizithole ngaphambi kokuthi lidlale umdlalo wokugcina wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League neCoton Sport yaseCameroon.
“Bekunzima kancane ngoba siphila esikhathini lapho abadlali bezokwazi khona ukuthola izindaba, uthanda ungathandi, ngoba zifakwa ezinkundleni zokuxhumana. Ngakho-ke ngesikhathi ngikhuluma nabo ngaphambi komdlalo ngibahalalisele ngoba vele bese bazi,” kusho uMokwena.
“Kumele bahalaliselwe kodwa mhlawumbe eNingizimu Afrika abakwenzile sekubukelwa phansi. Mhlawumbe ukuphumelela kwethu sekwenze abantu babuthatha kancane ubunzima bokunqoba isicoco seligi. Isicoco seligi sinzima kakhulu kunoma yiliphi izwe ngoba kufanele udlale nezimbangi zonke ekhaya nasekuhambeni. Umncintiswano uthatha izinyanga eziyisishiyagalombili noma eziyisishiyagalolunye.
“Awukho umqhudelwano othatha isikhathi eside njengeligi yasekhaya. Abantu sebecabanga ukuthi kulula kodwa empeleni yilokho okwenza kube lukhuni kakhulu.
"Kunzima kakhulu ukuhlala ezingeni eliphezulu njengoba leli qembu lenzile emidlalweni eminingi kangaka. Ukuthola imiphumela emihle nokunqoba ngaphandle kokukhathala akulula. Yinto ezenzekelayo kubantu ngoba bagcina sebezithela ngabandayo.
"Ukungakuvumeli lokho ukuthi kwenzeke kukhombisa ukuthi laba badlali baqinile ngokwemiqondo. Yingakho ngihlale ngisho uma ngikhuluma nabezindaba ukuthi kabanconywa ngokwanele. Bayanconywa kodwa angicabangi ukuthi kwanele."
Phezu kokuya emdlalweni wayo neCoton Sport isizibekisele indawo kuma-quarterfinal, iSundowns iphinde yawunqoba ngo-2-1 yaqeda iqhwakele kuGroup B ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisithupha.
UMokwena uthe bekumele bazimisele ukuze bahloniphe abalandeli abebephume ngobuningi babo bezoseka iqembu.
“Bekunenye inselelo ngaphambi kwalo mdlalo njengoba abantu abangaphandle bebewuthatha njengongabalulekile njengoba elinye iqembu bese liphumile kanti elinye bese lingenile esigabeni somkhumulajezi,” usho kanje.
“Leso simo sinzima kodwa ngenxa yokuthi besinenqwaba yabalandeli abaphumile bezothamela umdlalo oqale ngo-9 ebusuku, bekumele sidlale kahle. Kumele uqonde ukuthi abalandeli babeke izimpilo zabo engcupheni, ikakhulukazi kulesi sikhathi esiphila kuso lapho kunqanyulwa khona ugesi futhi kungaphephile emigwaqeni.
"Asikwazi ukwesekwa ngalolu hlobo bese sidlala umdlalo sengathi awusho lutho. Sibe nezinselelo eziningi yingakho ngiziqhenya kakhulu ngendlela esenze ngayo ngoba kukhombise ukuhlonipha indlela abalandeli abadele ngayo izimali zabo nokuphepha kwabo.
“Kunezinto ezimbalwa enginganeme ngazo, ngeshwa asikwazanga ukugwema ukungenelwa yigoli kodwa ngijabule ngendlela iqembu elidlale ngayo. Abadlali bashaye into ecokeme, ikakhulukazi laba abakade bagcina ukudlala. Ngijabule ngomphumela nangesibalo samaphuzu esiwathole eqoqweni ebelinzima kakhulu.”
Iqembu lase-Egypt, i-Al Ahly, liqede isibili kuleli qoqo ngamaphuzu angu-10 ngesikhathi libhaxabula yi-Al Hilal yaseSudan ngo-3-0. Leli qembu, elidlalelwa ngumgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, nalo lizibekisele indawo kuma-quarterfinal.