BATHENJISWE into okusazobathatha isikhathi ukuthi bayikhohlwe abalandeli be-Orlando Pirates nabeKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi lezi zimbangi ezinkulu zibhekane emdlalweni weDStv Premiership namuhla ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
Okaputeni bala maqembu womabili, u-Innocent Maela weZimnyama, noKeagan Dolly waMakhosi, bathemise abalandeli izulu nomhlaba esithangamini nabezindaba izolo ntambama, eGoli.
IPirates neChiefs beza kulo mdlalo bebhekwe ngabomvu kwazise sekucacile ukuthi kubona akekho ozophuca iMamelodi Sundowns isicoco seligi kule sizini kodwa sebelwela igunya lokuklolodelana ngokuthi iyiphi inkunzi ezoqeda endaweni engcono ekupheleni kwesizini.
Nakuba sekucacile ukuthi isicoco sesiphephukile kodwa kubalandeli zinhlangothi zombili kubalulekile ukuthi la maqembu okungenani abange izindawo ezihamba negunya lokudlala kwiCaf Champions League noma kwiConfederation Cup.
Bayakuqonda lokhu laba badlali abebekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zabo zalo mdlalo okungesinye sezinongo zawo ukuthi la maqembu ahlukaniswe iphuzu kwi-log. IPirates isendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-30, iChiefs ilandele kweyesithupha ngawu-29. ISundowns izihola phambili ngawu-42.
IBucs inqobe ngo 1-0 wegoli lika-Evidence Makgopa, ngoNovemba nyakenye ingakho uMaela ethi akabheke lutho ngaphandle kokuyiphinda iChiefs.
“Engingakusho kubalandeli bethu ukuthi balindele into abangasoze bayikhohlwa kulo mdlalo,” kusho uMaela.
“Sizimisele ngokuyiphinda okwesibili iChiefs. Abadlali bawulungele umdlalo yize kunzima ukuziba konke okwenzeka ngaphandle kwawo.
“Okumnandi ukuthi kukhona abadlali abafana nami asebeyidlale kaningana eyabakhaya ngakho-ke kungumsebenzi wethu ukukhalima abangasijwayele lesi simo,” kusho uMaela ngokuzethemba.
UDolly uthe owabo umsebenzi awunzima kangako kwazise basefomini ebenelisayo kulezi zinsuku.
“Kusukela sishaywe iPirates nyakenye sisangenelwe igoli elilodwa emidlalweni ebheke kwengu-10 ehlanganisa iligi neminye imiqhudelwano. Kule midlalo asiyazi induku kwiligi ngakho-ke sanelisekile ngefomu esiya ngayo kowabakhaya,” kusho yena sakuqhosha.
“Sisefomini enhle kodwa siyazi ukuthi singenza kangcono ikakhulukazi ekusebensizeni amathuba. Kusemqoka kithina ukuwinela abalandeli bethu lo mdlalo.
“Yebo kuyiphupho lawo wonke umdlali ukuba ingxenye yowabakhaya kodwa thina esibe nenhlanhla yokufika kwiChiefs kusezandleni zethu ukubuyisela kubalandeli ngokuzikhandla ngakho konke esinakho uma sisenkundleni,” kugcizelela uDolly.
IChiefs iza kulo mdlalo iphuma ekunqobeni iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 kanti iPirates ibambane ngo 1-1 neCape Town Spurs.
Imidlalo yangempelasonto yeDStv Premiership:
Kusasa - Ngo-3.30pm: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium).
Ngo-5.30pm: Stellenbosch v Cape Town Spurs (Danie Craven); Moroka Swallows v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium); SuperSport United v AmaZulu (Peter Mokaba Stadium)
Ngo-8pm: Mamelodi Sundowns v Chippa United (Lucas Moripe); Richards Bay v TS Galaxy (King Zwelithini Stadium)
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba)
Ngo-5.45pm: Royal AM v Cape Town City (Harry Gwala Stadium).