IBAFANA Bafana yehluleke yancama ukuthola igoli ibambana ngo 0-0 neNamibia emdlalweni wokungcweka, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
IBafana beyize kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma ngokuzidlela amahlanga kwiNamibia eyiqembu lesizwe elingenasimanga ebholeni ezwekazini lase-Afrika.
Nokho iBafana ebiphezulu ngomdlalo kuzo zombili iziwombe, yehluleke yancama ukubhakuzisa inethi, udonga lwasemuva lweNamibia lwala ukhasha.
Okuqaphelekile esikimini sikaHugo Broos esiqale umdlalo wukungaboshelwa kwezihlabani ebezibhekwe kakhulu yiningi labalandeli bebhola baseNingizimu Afrika, okunguPercy Tau noZakhele Lepasa, ovutha bhe eqenjini lakhe i-Orlando Pirates selokhu kuqale le sizini.
Nokho abadlali okubalwa kubo uMonnapule Saleng naye osefomini, noLyle Foster oshaya into ecokeme kwiBurnley FC edlala kwi-English Premier League selokhu kuqale le sizini, bawuqalile lo mdlalo.
Yize iBafana kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo kodwa iNamibia yiyona ecishe yathola igoli ngesiwombe sokuqala ngenkathi uPrins Tjiueza weNamibia ethi ulivalela phakathi, kwalamula uSiyanda Xulu osuse umhlola ekhaya seliphezu kolayini wegoli.
Ngemuva kwalokho iBafana ihlasele ngamandla, ikakhulukazi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, kwagcina kulamule impempe ezikhomba ekhefini.
Nangaso isiwombe sesibili iBafana iqhubeke lapho ebigcine khona ngokuba phezulu ngomdlalo, kodwa laphika igoli ngisho umqeqeshi uHugo Broos esefake abadlali okubalwa kubo uPule Mmodi, u-Aubrey Modiba, uLebogang Mothiba, uGrant Kekana noNyiko Mobbie.
Ukugodla izethenjwa ezinjengoTau noLepasa kulo mdlalo neNamibia, kucacele noma ngubani ukuthi uBroos uzongele umdlalo olandelayo wokungcweka neDemocratic Republic of Congo (DRC) ongoLwesibili, ngo-5 ntambama, khona futhi e-Orlando Stadium.
Empeleni uBroos usebenzisa le midlalo ukuvivinya izinduku zakhe, nokuhlonza lezo azogadla ngazo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esiseMome, ezobanjelwa e-Ivory Coast, ngoJanuwari 13 kuya kuFebhuwari 11 ngonyaka ozayo.