UMQEQESHI weqembu lesizwe laseSenegal, u-Aliou Cisse, usethubeni lokuphinde azibhalele umlando omusha kwiNdebe yoMhlaba ebanjelwe eRussia.
UCisse (42) ongumqeqeshi omncane kunabo bonke eRussia, wayengukaputeni ngesikhathi iLions of Teranga ihamba ize ifika kuma-quarter final kumqhudelwano owawuseKorea/Japan ngo-2002. Kulokhu uphenduke umqeqeshi wesibili ukufaka leli lizwe kwiNdebe yoMhlaba kanti futhi unethuba lokuphinda umlando wokufaka izwe esigabeni somkhumulajezi kweyoMhlaba. Empeleni lonke ithimba labaqeqeshi leLions of Teranga liqukethe izinkakha zango-2002, okungoLimanine Diatta, Tony Sylva no-Omar Daf.
ISenegal izoqala umkhankaso wayo kulo mqhudelwano ngokuqhuthana nePoland emdlalweni wayo wokuqala kaGroup H.
Umdlalo unamuhla e-Spartak Stadium, eMoscow ngo-5 ntambama. Amanye amaqembu akuleli qoqo iColombia neJapan.
EzikaCisse zaziseqoqweni elilodwa neBafana Bafana ngesikhathi kuhlungwa, sekuzobhekwa zona ukuthi zigeze izinhliziyo zabalandeli bebhola e-Afrika ngemuva kokuthi, i-Egypt, iMorocco neNigeria bevule ngenduku emidlalweni yangempelasonto. Elinye izwe elimele i-Afrika, iTunisia edlale ne-England izolo ebusuku.
U-ALIOU Cisse umqeqeshi weSenegal ebuyele kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kwezimanga zango-2002
Umdlali oyisilomo nongesinye sezithenjwa zeSenegal, uSadio Mane, oyibamba kwiLiverpool kwi-English Premiership. UMane, ugabe ngejubane nethalente phambi kwamapali.
Uma kuwukuthi akekho efomini kukhona noKara Mbodji ogqamile kweyokuhlunga. Abakuleli bazomkhumbula ngokubaphula izinhliziyo evalela ngekhanda elihle igoli emdlalweni neBafana Bafana owabanikeza amaphuzu amathathu ababewadinga ukuze baye eRussia.
KwiPoland iqembu likaCisse lizobe libhekene neqembu elingasewona amavukane uma kuziwa kweyoMhlaba. IPoland isidlale imiqhudelwano eyisikhombisa. Yagcina ukubonakala eGermany ngo-2006. Iza emidlalweni igabe ngesilomo somgadli weBayern Munich, uRobert Lewandowski. Ushaye amagoli angu-16 emidlalweni yokuhlunga.