XOLILE MPISANE
SEZINTATHU izindondo ezinqotshwe yiqembu elimele iNingizimu Afrika kumaParalympic aseTokyo, emuva kokuthi uLouzanne Coetzee ethole indondo yesiliva ngoMsombuluko ekuseni.
UCoetzee unqobe umjaho wabesifazane webanga lika-1500m esigabeni se-T11, esingenelwa ngabantu abangaboni.
Ubegijima nomsizi wakhe u-Estean Badenhorst ngesikhathi eshaya isikhathi esingu- 4:40.96, nokuyirekhodi elisha lase-Afrika.
Le ndondo yesiliva ilandela ezimbili zegolide ezinqotshwe nguNtando Mahlangu no-Anrune Weyers ngoMgqibelo.
UMahlangu uqophe irekhodi lomhlaba elisha kwi-long jump yabesilisa esigabeni se-T63 egxuma ibanga elingu-7.17m.
UWeyers unqobe umjaho wabesifazane webanga lika-400m esigabeni se-T47 ngo-56.05.
UCoetzee akawuqedanga lo mjaho kumaParalympic aseRio de Janeiro, ngo-2016, ngenxa yokuthi amajaji abona umsizi wakhe ehamba phambili kancane kunaye kodwa lokho kuphoxeka usekushiye ngemuva ngokuthola indondo.
"Angikakholwa. Sengineminyaka eyisishiyagalombili ngigijima kodwa ngiyaqala ukuthola indondo," kusho uCoetzee.
"Ngijabule ngendlela eyisimanga. Konke kuhambe kahle kulo mjaho, ngigijime kahle, umsizi wami naye ngokunjalo, namalungiselelo ahambe kahle. Ngiyajabula ngendlela okwenzeke ngayo.
"Besivele sihlele ukuthi sisheshe siye phambili umjaho usaqala. Ngesikhathi sizilolonga besigada kakhulu isikhathi sethu ngoba besingenawo amathuba amaningi okungenela imijaho."
UCoetzee usazogijima umjaho kwi-marathon ngeSonto la azobe esizwa khona ngu-Claus Kempen.
Belikhona ithuba lokuthi iqembu lakuleli liphinde lengeze ezinye izindondo ngoMsombuluko ntambama njengoba uPuseletso Mabote noMpumelelo Mhlongo bebegijima emijwahweni yamanqamu ezigabeni ezehlukene.
UMabote ugcine elale endaweni yesikhombisa emjahweni ka-100m esigabeni se-T63 ngo-12.66. Umjaho unqotshwe ngu-Anton Prokhorov obemele i-Russian Paralympic Committee, oqede ngo-12.04.
UMhlongo ungene endaweni yesihlanu emjahweni ka-100m esigabeni se-T64 enza u-11.03. Indondo yegolide ithathwe nguFelix Streng waseGermany oweqe umugqa ngo-10.76.