UXWAYISA ozakwabo ngobunzima abazohlangabezana nabo njengoba sekubuya imijaho, umsubathi waseLesotho, uJobo Khatoane.
UKhatoane weMaxed Elite udle umhlanganiso koweMkhambathini Annual Half Marathon 21km, obekungumjaho wokuqala.
Wenze isikhathi esiwu-1:05:00, wagoduka no-R6000. Endaweni yesibili kungene uSibusiso Kubheka ngo-1:05:09 wathola u-R3000, walandelwa nguNdumiso Khwela ngo-1:06:19 ogoduke no-R2500.
Lo mjaho oqale emgwaqweni uScott waphela eCamperdown Primary, ubuhlelwe yiMkhambathini Athletic Club ngokubambisaba noMasipala waseMkhambathini.
Muva nje, imijaho isanda kuvunyelwa kuleli ngemuva kwesikhathi eside imisiwe ngenxa yokudlanga kweCovid-19.
"Bekunzima ngoba izinyawo azisavumi, ubuhlungu angisakwazi ukububekezelela. Kunzima konke. Kubagijimi abangakabuyi kuzofanele babekezele, baqale ngesikhathi ukuzilungiselela ngoba nokulimala kuzobakhona uma bezigqilaza isikhathi sesisifishane ngaphambi komjaho," kweluleka uKhatoane.
Imvula ebihambisana namakhaza ashubisa umnkantsha ayiliphazamisanga izinga nokuhleleka komjaho. Iqoqo ebelinoKhatoane, Thobani Chagwe (ogcine ephume endaweni yesine), Kubheka noSokhela lisheshe laphundleka. Nokho zidlane imilala phakathi kukaKhatoane noKubheka kwaze kwaba sekugcineni.
"Ngibonga kakhulu kubagijimi ebesigijima nabo ikakhulukazi umfowethu esingene naye lapha (Kubheka), othande ukunginika inkinga. Empeleni lona wumjaho wokuqala selokhu kwaqala iCovid-19. Ngijabule kakhulu ukwenza lesi sikhathi engisenzile nokuthi lo mjaho wokuqala onqotshwe yimina. Ngizowuvikela futhi (ngonyaka ozayo)," kusho uKhatoane.
Kwabesifazane abagijime u-21km kwiMkhambathini Half Marathon kuwine uJenet Mbhele weMzimkhulu Striders ngo-1:17:53, wagoduka no-R6000. Endaweni yesibili kungene uLineo Chaka waseLesotho (R3000) ngo-1:24:54, walandelwa nguZama Mokoena wePhantane AC ngo-1:27:55 othole u-R2500.
Ku-10km kwabesilisa kuwine uMbuleli Mathanga wePhantane AC ngo-30:07, watitiliza u-R2500. Endaweni yesibili kungene uTebello Ramakongoana weXcel Runners ngo-30:08 wahlomula u-R1500, walandelwa nguPakiso Mthembu ngo-30:53 watitiliza u-R1250.
Kwabesifazane ku-10km kuwine uBathabile Mkhize weXcel Runners ngo-39:25 wagoduka noR2500. Endaweni yesibili kungene uLoveness Madziva ngo-39:44 wahlomula ngoR1500, walandelwa nguThobile Mkhize (40:29) ogoduke noR1250.
IMeya yaseMkhambathini uMnuz Eric Ngcongo, income izinga lomjaho, yazibophezela ukuthi imali ewinwayo izokhuphuka ngonyaka ozayo.