SITHEMBISO MKHIZE
UZOSEBENZISA uMkhambathini Half Marathon ukuqinisekisa ukufezeka kwephupho lokungena eqenjini lesizwe, uSibusiso Kubheka (24) weXcel Running Club ofike kwezwakala kwezokusubatha.
Le nsizwa eqeqeshwa wuXolani Mabhida, eMgungundlovu, yazise leli phephandaba ukuthi eMkhambathini izogijima ibanga lika-10km.
Umjaho omkhulu ngowelika-21km. Uqala ngo-5:30, ngeSonto, kuScott Street uphelele ezinkundleni zemidlalo eCamperdown Primary School.
Kukhona nebanga lamakhilomitha amahlanu.
UKubheka odabuka eDaggakraal, eZwelethu, eMpumalanga, uthe ngomjaho waseMkhambathini uzobe elungiselela ama-ASA 10km Championship azoba ngo-Okthoba 31, eThekwini, eseliphenduke ikhaya le miqhudelwano kazwelonke.
Le nsizwa imangaze iningi iphuma endaweni yesithupha kuma-ASA Half Marathon abeseGqeberha ekuqaleni kwalo nyaka.
Emiqhudelwaneni kazwelonke kuye kuthathwe abayisithupha bokuqaka ukuyomela izwe kweyomhlaba.
Emasontweni edlule, kwale kancane ukuthi ingene eqenjini lesizwe elizolibhekisa e-Australia, ngo-2023 kumaWorld Cross-Country Championship.
Kuma-ASA Cross-Country abeseManzimtoti, iphume isikhombisa.
"Ukukutshela iqiniso, nakuba ngiphume kweyesithupha eGqeberha kodwa ngishaywa uvalo lokuthi bazokhohlwa ukufaka igama lami esikwatini samaWorld Half Marathon esiya eChina ngoMashi wangonyaka ozayo. Mhlawumbe lokhu kwenziwa ukuthi kangikaze ngimele elakuleli. NakwiCross-Country bengifisa ukungena kwabayisithupha bokuqala ukuze ngizoya e-Australia, kodwa akwenzekanga.
"Okungijabisayo ukuthi ngisenalo elinye ithuba kwi-ASA 10km. Umjaho waseMkhambathini ngikhokelwa ekutheni uzongisiza kakhulu. Ngeke ngisho ukuthi ngifuna ukugijima siphi isikhathi eMkhambathini ngoba umzila angiwazi nanokuthi ngosuku lo mjaho isimo sezulu siyobe sinjani. Ngijatshuliswa wukuthi amalungiselelo ahamba kahle," kubeka uKubheka ophume isihlanu kwiNedbank Runifield 50km Btreaking Barries IAU World ekuqaleni konyaka, eGqeberha.
UMkhambathini Half Marathon uyaqala ukugijinywa. Umngenelo ka-21km, uR200, oka-10km uR150 bese kuba uR50 kowamakhilomitha amahlanu.
Ekuseni ngeSonto izobe isavunyelwa imingenelo.
Ngenxa yeCovid-19 bazoba u-500 abazovunyelwa ukuba ingxenye yalo mjaho ohlelwa wuMkhambathini AC.