USEKULUNGELE ukubuyela eringini umshayisibhakela, uSphesihle Mntungwa, ovelelwe wumshophi kushona imbangi ekade elwa nayo ezinyangeni ezedlule.
UMntungwa ubhekane nobunzima ejikelwa ngomakhelwane, abanye bemchapha ngenhlamba emva kokushona komshayisibhakela uSimiso "Gandaganda" Buthelezi waseDumbe, ngoJuni.
UButhelezi ulimale eseringini, wangena kwi-coma waphetha ngokushona esesibhedlela. Kade belwela ibhande le-World Boxing Federation eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Ngempelasonto edlule, kubuyele izimpi okokuqaka kule ndawo kusukela ngosuku lwesigameko oluphethe ngezinyembezi. Izimpi bezihlelwe yiSiyathaba Boxing Promotions. Ngaphambi kokuqala kwezimpi kube nomzuzu wokukhumbula uButhelezi, obengaconsi phansi kubalandeli bamankomane KwaZulu-Natal.
Bekungokokuqala uMntungwa ehambela izimpi zesibhakela.
"Ngesikhathi ngingena eGreyville, kuvele kwabuya konke okwenzeka. Bekungokokuqala ngiya esibhakeleni emuva kwesehlakalo esibuhlungu. Akukho engingakwenza. Kufanele ngibhekane nenselelo. Bekumele ngiqunge isibindi ngibhekane nabantu nendlela abangibuka ngayo. Abanye bangamukele kahle, bangibuza ukuthi ngiphatheke kanjani nesimo sami," kusho uMntungwa.
Emuva kokushona kukaButhelezi, uMntungwa uveze ukuthi ucabanga ukusiyeka isibhakela nakuba ekade enamaphupho amakhulu ngaso. Kodwa ekhuluma neSolezwe ngemuva kwezimpi ukuqinisekisile ukuthi uzobuyela eringini.
"Okwamanje angikazi ukuthi ngizolwa nini kodwa sengibuyelile ejimini. Emuva kokuhamba odokotela bengqondo, ngizizwa ngingcono kakhulu. Benginakho ukuyingabaza indaba yesibhakela futhi sengizenyeza. Kodwa bangikhuthazile abantu nomndeni wami ukuthi ngisengawafeza amaphupho ami esibhakeleni, ngoba okwenzeka kwakungeyona inhloso," kusho uMntungwa.