UBALISA ngosizi lokuya emdlalweni weMamelodi Sundowns nesikwati esixhugayo uKhabo Zondo, ongomunye wabaqeqeshi beRoyal AM, eqede ishobolo lokuhluleka ukunqoba ngoLwesibili, ishaya omkhaya bayo, iLamontville Golden Arrows ngo-3-1 koweDStv Premiership.
Ngaphambi komdlalo wangoLwesibili, iRoyal AM beyiphuma ekushayweni yiSuperSport United neSwallows kweyeligi.
Kowe-Arrows, ezikaZondo zisho ukusishintsha sonke isikwati esashaywa yiSwallows.
Zenze izinguquko zabadlali abayisishiyagalombili.
UZondo uveze ukuthi bekufanele bazenze izinguquko.
Uthe zidalwe wukulimala kweningi labadlali abawumgogodla. Uqhube wathi kowe-Arrows bebehlola isithako sabo esisha, sokuhlanganisa abadlali abangajwayele ukudlala ndawonye.
Nakuba umphumela womdlalo wangoLwesibili umjabulisile kodwa lo mqeqeshi uveze ukuthi kumphatha kabi ukuthi bazoya koweSundowns iningi labadlali babo lingakabuyi.
Bazodlala neSundowns ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, eChatsworth Stadium.
NgoLwesibili kubuye kwaphuma unozinti, uXolani Ngcobo, ngenxa yakho ukulimala. Kuvimba yena njengoba uPatrick Nyame walimala emasontweni edlule.
"Ngingathi nje u-70% wabadlali bethu uzobe ungekho koweSundowns. Engaziyo ukuthi uyabuya wuKabelo Mahlasela. Isibhedlela sethu sigcwele. Ngolimi lwasesibhedlela, abanjengoKhetho (Khethukuthula Ndlovu) bafana nabasegunjini labagula kakhulu. SinoPotsane (Tebogo) ongazange ajime nathi amasonto amabili selokhu abuya kwiMacufe Cup. Asethembe ukuthi unozinti wethu, uNgcobo akalimele kakhulu. Sisazozwa umbiko wodokotela. NoPatrick akakalulami ngokugcwele, selokhu alimala sidlala neSuperSport United. Bakhona abadlali abazovala izikhala zabo," kubeka uZondo.
Mayelana nomdlalo we-Arrows, umqeqeshi uthe bebekudinga ukunqoba ukuze kubuye ukuzethemba eqenjini.
"Emdlalweni we-Arrows sibone abadlali abaningi bedlala ezindaweni abangazijwayele. USiphesihle Msomi wubedlala kwesokunxele emuva, uMbhazima Rikhotso eyibambe emuva kwesokudla. Sifake noThabo Matlaba maphambili nenkundla. Besizidinga lezi zinguquko. Asingaliphiki iqiniso, iGolden Arrows idlale kahle kakhulu. Beyiba yingozi ngaso sonke isikhathi uma kushoshelwa phambili. Kuye kwaphoqa ukuthi siyivalele izikhala esiswini ukuze abadlali bayo bengezufika kalula ezitobheni zethu. Benze umsebenzi omkhulu uKobedi (Shadrack) noPhalane (Lantshene).
"Besikudinga ukunqoba, ukuze sizobuyelwa wukuzethemba. Ukushaya amagoli amathathu ngemuva kokushaywa yiSuperSport neSwallows, kuyinto encomekayo. Ngeke sijabule kuze kweqe. Siya emdlalweni ozoba nzima esizowudlala neSundowns. Sekumele sigxilise imiqondo yethu kuwona,“ kusho uZondo.
ISundowns izoya emdlalweni ihambela phezulu ngemuva kokubhaxabula elinye iqembu laKwaZulu-Natal, iMaritzburg United, eyibhabhadise ngo 5-0 koweligi, ngoLwesibili eHarry Gwala Stadium.