UMNDENI waloyo owayengumdlali weMamelodi Sundowns usuthole inyanga ezokwelapha le nsizwa ethuse abaningi ngesikhathi kusabalala izithombe zayo kuleli sonto ezinkundleni zokuxhumana.
UKhayelihle Shozi waKwaNyuswa, eBotha’s Hill ubonakale ezinkundleni zokuxhumana egqoke izimpahla ezidabukile futhi ebukeka njengomuntu ophithanelwe yikhanda.
Ukusabalala kwezithombe zikaKhayelihle Shozi waKwaNyuswa, eBotha’s Hill kushiye abaningi beshaqekile.
Abanye benokudideka ukuthi kwenzakaleni kuye njengoba aziwa ukuthi ungomunye wabadlali beSundowns.
Kwezinye zezithombe ezishaqisayo, le nsizwa ibonakala iseduzane komgqomo kadoti okubonakala sengathi ibheka kuwo okuya ngasethunjini.
Abantu bathintekile ezinkundleni zokuxhumana, abanye babo bazama ukuxhumana nomndeni wale nsizwa ngenhloso yokulekelela ekutheni ikwazi ukubuyela kubo njengoba ibisihlala emigwaqweni yaseGoli.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto, umfowabo omncane kaKhayelihle, uSphesihle Cele, uthe bathokoze kakhulu ngosizo lwabantu abafake isandla futhi basalwamukela usizo lwabanye abanesifiso sokusiza umfowabo.
Uthe omakhelwane bangakubo balekelele ngenkomo ephilayo okuzokhungwa ngayo inyanga yaseSithumba, KwaXimba okuyiyo ezokwelapha uKhayelihle.
"Okwamanje sisahamba isibhedlela athola kuso amaphilisi okudambisa ukugula kwakhe. Akukapheli ukugula kwakhe kodwa umdlandla wokuhamba wehlile njengoba amaphilisi emkhathaza.
“Yikhona esikujabulelayo ukumbona esekhaya ngoba uma sekumi ngenhla ukugula kwakhe, uvele anyamalale, sizwe kuthiwa usebonakala emigwaqweni yaseGoli," kusho uSphesihle.
UKhayelihle ngokusho komfowabo omncane, uqale ukugula ngo-Disemba 2021 ngesikhathi esahlala eGoli nonina wengane.
Ukuphithana komqondo kumxine kakhulu nyakenye ngoDisemba ngokusho kukaSphesihle.
"Sabona ukuthi sekumbambe kakhulu ukugula mhlazane efika nesikhwama esasigcwele amaphepha, egqoke izingubo ezingcolile. Samangala sonke emndenini sazama ukuthola usizo kodwa waphinde wanyamalala.
“Njengoba ebesebonakala eGoli nje thina besimthungatha kodwa singazi ukuthi sizomthola kuphi nezwe," kulanda umfowabo kaKhayelihle.
Ebuzwa yintatheli ukuthi basolani njengomndeni njengoba umfowabo ephithanelwa ikhanda, uthe okwamanje akukho lula ukuthi kube khona abakukhombayo ngokugula kwakhe.
Leli lungu lomndeni wakaShozi, linxuse abantu ukuthi bangabe besayisebenzisa i- akhawunti kamfowabo omdala, uSimphiwe obesolwa ngokuthi uzitika ngemali ewumnikelo wabantu abebekhombisa ukuzwelana nesimo sikaKhayelihle.
"Siyamxolisela kakhulu umfowethu (uSimphiwe). Kukho konke okwenzekile sithi nje, abantu mabehlise umoya ngoba siyazi ukuthi uthando lokulekelela uKhayelihle belusuka ezinhliziyweni zabo.
“Siyacela bengabe besayisebenzisa i-akhawunti obekufakwa kuyo imali. Usizo sisaludinga kakhulu ngoba nemali ayikho kahle emndenini kodwa i-akhawunti uma beyidinga singahlela olunye uhlelo lwe- akhawunti engasetshenziswa," kubeka uSphesihle.
UKhayelihle ubengomunye wabadlali basesiswini eqenjini leMamelodi Sundowns.
Uphinde wadlala endaweni efanayo kwi-TX Galaxy.