IZOSHINTSHA impilo kunogada, uTete Dijana, onqobe iComrades Marathon yalo nyaka njengoba eveze ukuthi imali azoyithola izomsiza ukwakha umuzi.
UTete (34) odabuka eMahikeng, eNorth West, uveze ukuthi uzokwakha isithabathaba somuzi ngemali ayinqobe kule ngqophamlando yomjaho obuyizolo, usuka eCity Hall, eMgungundlovu, waphelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lo msubathi weNedbank Running Club, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-05:30:38. Ube esehlabana ngesamba sika-R260 000. Umnyango wezeMidlalo kuzwelonke ubeke isheke likaR100 000 kowokuqala wakuleli oqede umjaho. Imenenja yeNedbank Running Club, uNick Bester, iveze ukuthi uDijana uzohlomula ngo-R150 000 ngokuphuma phambili.
Kulo mjaho iNedbank igile izimanga njengoba abathathu bokuqala kube ngabasubathi bayo.
Isibili sithathwe u-Edward Mothiba ongumpetha wango-2019 ngesikhathi kukhushukwa.
Naye usuka eMahikeng. Wenze isikhathi esiwu-5:33:46. Isithathu sithathwe uDan Moselekwe ngesiwu-5:36:25.
Ngemuva kwalo mjaho uDijana ongunogada e-University of North West, utshele abezindaba ukuthi imali ayinqobile izomsiza kakhulu ngokuthi azakhele ikhaya elintofontofo.
"Uma ngifika eMahikeng ngiyoqala izinhlelo zokwakha umuzi wami. Ngifuna ukushaya ngesithabathaba. Iminyaka isihambile ekutheni ngingaqhubeka nokuhlala ekhaya. Kumele le mali ngiyisebenzise ngokukhulu ukucophelela. Nginezingane ezimbili zamantombazane okumele ngizizamele ikusasa elihle. Lesi sisamba sizophinde sisize kakhulu ekukhokheleni imfundo yamantombazane ami,“ kusho uTete.
Ubonge umndeni wakhe nabo bonke abamesekile, ikakhulukazi umqeqeshi wabo, uDave Adams.
“Ngithanda ukubonga kakhulu enimndeni wami, ithimba ebengijima nalo, umqeqeshi uDave Adams nasekilabhini yami iNedbank. Ngaphandle kwalaba ngabe angiyinqobanga iComrades" kubeka uDijana obebonakala engakhathele esanda ukuqeda lo mjaho oyibanga elingu-89km.
Uveze ukuthi nakuba ethole le mali kodwa ngeke awuyeke umsebenzi wokuba unogada. Ngesikhathi ekhuluma kwithelevishini ngemuva kokunqoba, uthe kudingeke ukuthi athathe ikhefu elingakhokheli emsebenzini ukuze azilungiselele.
"Nakuba nginqobe le mali kodwa ngeke ngilenze iphutha lokushiya umsebenzi wami. Phela le mali ayinkulu kangako," kuqhuba uDijana.
Phambilini ibiwu-R525 000 imali etholwa onqobe iComrades kodwa abahleli bayehlisile kulokhu bekhala ngokuswela abaxhasi njengoba umjaho ubungekho iminyaka emibili ngenxa ye-Covid-19.
UTete unqoba nje bekunqokwesibili egijima iComrades. Wagijima okokuqala ngo-2019 waphuma kunombolo-50. Ekuqaleni kwalo nyaka uDijana ulale isibili kwiNedbank Runfied 50km, uMothibi waphuma endaweni yesithathu.
"Empeleni ungathi ngiyaphupha, angikakholwa ukuthi lo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke unqotshwe yimina. Kona-ke besiwulunguselele kahle. Nakuba sisazohlala phansi nabaphathi bami kodwa ngizimisele ukubuya ngonyaka ozayo ukuzovikela indondo yami," kusho uDijana.
Uhla lwabesilisa lwabayishumi bokuqala: Tete Dijana ( 05:30:38), Mothibi (05:33:46), Moselakwe (05:36:25), Bongumusa Mthembu (05:38:07), Johannes Makgetla (05:41:36), Nkosikhona Mhlakwana (05:43:28), Joseph Manyedij (5:44:57), Solly Manduwas(5:46:10), Charles Tijane (5:47:04), Lutendo Mapoto (5:47:20).