XOLILE MPISANE
ISETHENJWA sakuleli kwi-tennis, uKevin Anderson, sithi asizwa zinhlungu emzimbeni njengoba sizodlala nohamba phambili emhlabeni, uNovak Djokovic, emzuliswaneni wesibili weWimbledon.
U-Anderson uke wahlushwa ukulimala ngasekuqaleni konyaka. Akenzanga kahle emiqhudelwaneni yama-grand slam esidlulile, ukhishwe zisuka kwi-Australian Open nakwi-French Open.
Uyiqale kahle i-Wimbledon ehlula uMarcelo Tomas Barrios Vera waseChile ngo 6-7 6-4 6-4 7-6. Uthe uzizwa ewulungele umdlalo olandelayo ngoLwesithathu ntambama. Lo mdlalo uzoqala uma sekuphele eyomzuliswano wokuqala ephazanyiswe yimvula.
"Ngizizwa ngiwumqemane,nginethimba elinginakekelayo nabantu abangesekayo abangisizile ngadlula ezimeni eziningi ngaze ngafika la," kusho u-Anderson. "Konke kuhamba kahle futhi nginemizwa emihle uma ngicabanga ngezinyanga noma iminyaka ezayo.
"Kuke kwaba nzima eminyakeni edlule kodwa ugqozi lokudlala alukaze luphele. Angizwa lutho olubi emzimbeni emva kokudlala ama-set amane. Iyangijabulisa indlela engidlale ngayo, ikakhulukazi njengoba sengike ngahlulwa otshanini kule sizini."
UDjokovic, osethathe izicoco ze-Australian Open ne-French Open kulo nyaka, uhlule uJack Draper wase-United Kingdom ngo 4-6 6-1 6-2 6-2 emzuliswaneni wokuqala.
Sebedlale kathathu eWimbledon, ngo-2011, nango-2015. Baphinde bahlangana kowamanqamu ngo-2018, yonke imidlalo yanqotshwa uDjokovic. Noma kunjalo, u-Anderson uthe uyazi ukuthi yini okumele ayilindele.
"Into ebasiza kakhulu abadlali asebephumelele kaningi kwi-tennis ukuthi bayazethemba kakhulu. Esikhathini esiningi umdlalo bawunqoba bengakangeni nasenkundleni," kusho u-Anderson.
"Ngiyazi ukuthi yini okufanele ngiyenze uma ngizodlala nomdlali osezingeni eliphezulu kanje. U-Novak uyalwa ngakho-ke ngeke kube lula kodwa ngiyayamukela inselelo."