IFISA ukuthuthukisa impilo yasekhaya ngokugibela amahhasi intombazane yaseBergville, uSanelisiwe Miya, edle umhlanganiso kwiKing Cetshwayo June Traditional Horse Racing Event, eMpangeni, ngempelasonto edlule.
Lo mjaho, obuhambisana neminye eyisishiyagalolunye ebikhokha izizumbulu zemali, bekungowokuqala kule ndawo. Ngaphandle kwawo bekukhona nedili lomculo nokunye okuningi.
USanelisiwe (12) uwine ngehhashi lakubo u-Akuhlekwana, wagoduka no-R8 400 emjahweni wabesifazane kuphela. Endaweni yesibili kungene ihhashi Imfenemavovo, lahlomula ngo-R7 000.
Emjahweni wosuku kuhlabane iNxakanxaka egitshelwa nguDoctor Mbatha, yagoduka no-R100 000. USandisiwe uyindodakazi yeNkosi uNjabulo Miya engumnikazi wamahhashi.
"Ngithukile ngoba bengingakholwa ukuthi ngizowina. Bengicabanga nokuthi ihhashi lizongiwisa ngiphume ekugcineni ngoba kade ngagcina ukuligibela. Ngigcine nyakenye. Kodwa-ke, ekhaya ngafundiswa ukuthi ungethuki kakhulu uma ugibele ihhashi ngoba ungagcina usulimala. Kufanele uzithembe ukuthi uzowina, "kusho uSanelisiwe ofunda uGrade 6 eNew Horizons College.
Uphinde waqhuba wathi: "Ukugibela amahhashi wusiko lwasekhaya. Nomfowethu omncane oneminyaka engu-11 uyawagibela. Safakwa ngubaba kuwona. Ngifisa ukukhula ngiwagibele amahhashi noma sengimdala ukuze ngakhele abazali bami umuzi."
INkosi uMiya izwakalise ukujabula ngokuhlabana kwendodakazi yayo.
"Ngijabule kakhulu ngoba ngigitshelelwa yingane engiyizalayo. Yingane yami yokuqala lena. Esikhathini esedlule kade ngigitshelelwa ngabanye abantu. Amahhashi enginawo abalelwa ku-30 futhi ngikhule ekhona nasekhaya kungawenkosi engizalayo. Ngifisa izinto ezinhle ngawo. Izingane zenza into esikhule ngayo," kusho iNkosi uMiya.
"Ngibonga kakhulu kuMasipala iKing Cetshwayo ngendlela osenzele ngayo entweni esiqalayo ukuyibona lapha. Benze into enhle esijwayele ukuyibona koDundee. Kusho ukuthi nangakithi kuyohamba kufike lokhu. USanelisiwe ngimfiseka inqubekela phambili ngoba amahhashi asiza ekuqoqeni izingane zingangeni ezintweni ezingalungile. "
NgoJulayi 16, uSanelisiwe nehhashi lakhe u-Akuthenjwana bazoqala beyizimfivilithi emjahweni waminyaka yonke iDundee July.