SITHEMBISO MKHIZE
NAKUBA kuvela ukuthi umqhudelwano wezamankomane womhlaba, i-IBA Women’s Championships, ngeke usetshenziselwe ukuhlungela abazongena kuma-Olympic Games ngonyaka ozayo kodwa intokazi yakuleli uThandolwethu " Teebas" Mathiba (25), ijabulela ukuthi izofunda lukhulu kuwo.
Izindaba zokuthi umqhudelwano oqala ngoLwesibili eNew Delhi, e-India, ngeke kusahlungelwa ngawo ama-Olympic ngonyaka ozayo, zidalulwe yiphephandaba lakhona e-India, iTime of India.
Ngokombiko wephephandaba lokhu kudalwe ukungavumelani ngezinto ezithile phakathi kwe-International Olympic Committee (IOC), ne-International Boxing Association (IBA), okungusoseshini ophethe isibhakela sama-amesha emhlabeni.
Kuvela lezi zindaba nje, ngenyanga edlule i-IBA ibimemezele ukuthi lo mqhudelwano wabesifazane e-India ophela ngoMashi 26, nowabesilisa ngoMeyi, kuzohlungwa ngayo.
Kucashunwe u-Ajay Singh, umengameli weBoxing Federation of India, ethi nakuba bephoxekile kodwa abalilahlile ithemba ngoba usetshelwe ukuthi lo mqhudelwano uzohanjelwa amalungu amathathu e-IOC, azoqapha isimo. UThandolwethu waseNewcastle, noPhiwokuhle "Ben 10" Mnguni noLethukuthula Sibisi baseDundee, bafulathele elakuleli ngoMashi 3.
UThandolwethu ulwa ku-50kg, uPhiwokuhle ayibambe ku-57kg bese uLethukuthula alwe esisindweni esingu-54kg. Bahambe nomqeqeshi uMlandeli Happy Mngqibisa. Ngokwesibili izintokazi ziya emqhudelwaneni.
Owokuqala bewunyakenye, eTurkey. Zibuye nenduku yombangandlala.
UThandolwethu utshele Isolezwe ngeSonto eseNew Delhi, ukuthi phezu kwazo zonke izinkulumo ezivela nge-IBA Women's Championships yalo nyaka kodwa ujabulela ukuthi uzobuyela kuleli nesipiliyoni esiyisimanga.
"Sibheke osukwini lweshumi silapha e-India. Nsuku zonke sijima kathathu. Ngezikhawu ezimbili sizijimela sodwa bese kwesokugcina singcweke nabashayisibhekela bakwamanye amazwe. Bekunzima sisaqala kodwa manje sekulula. Sengifunde okuningi. Ukuthola indondo kulo mqhudelwano kungaba yibhonasi. Ngizele lapha ukuzothola isipiliyoni. Ngifuna nokuzibeka endaweni enhle kwizilinganiso zomhlaba. Lokhu kuzongisiza ekutheni ngithola ithuba lokuya kuma-Olympic. Ngizolwela ukunqoba izimpi ezintathu kuya phezulu. Kuzomele ngiqaphele njengoba kuyizimpi zomkhumulajezi. Uma ngihlulwe kweyokuqala kuzobe sekuphelile ngami," kubeka uThandolwethu.
Useke wamelaelakuleli kuma-African Boxing Confederation, nakumaZone 4 Elite Boxing Championships emazweni ehlukene. Lo mshayisibhakela uveze ukuthi akumphathanga kabi ukungayi kumaCommonwealth Games nyakenye, e-England. Wathi uyazi siyeza isikhathi sakhe.
Kwagcina kuhambe uPhiwokuhle oqophe umlando ngokuba yibhokisa lokuqala lesifazane kuleli ukunqoba indondo. Ubuye neyesiliva.