SIthembiso Mkhize
UZANDILE Malinga uthishwa ukuthi uzothatha isikhundla sokuba yimenenja yeBoxing South Africa (BSA) KwaZulu-Natal.
Kuthiwa maduze uMalinga, obuye abe wumnikazi weStarline Promotions, uzomenyezelwa ukuthi nguyena othatha isikhundla esavuleka emuva kokushona kukaFrancis Minning.
Kuthiwa uMalinga wafaka isicelo somsebenzi kanye noSipho Zondo no-Eric Khoza oseyibambe isikhathi eside kwezamankomane. Okwenze uMalinga wancanyelwa yibhodi leBSA, eliholwa nguPeter Ngatane, wukukhuthala kwakhe. Njengamanje ungunobhala weProfessional Boxing Association (PBA) eyasungulwa ngo-2015.
Kuthiwa uzokushiya phansi ukuphatha iStarline Promotions eyasungulwa uMaxwell “ Shaluza Max” Malinga. UZandile ushade noXolani Malinga ongumqeqeshi. Kuthiwa wuye uXolani ozothatha izintambo zokuphatha iStarline uma kwenzeka uZandile egcina ngokuqokelwa kwesokuba yimenenja.
“Igama likaZandile lihamba phambili. Kule minyaka esesibhakeleni kuningi okuhle akwenzile. Akukona nje ukuthi uzonikwa lesi sikhundla ngoba engumuntu wesifazane kodwa amagalelo akhe ayabonakala,” kusho umthombo.
Ethintwa uMalinga ukuvumile ukuthi wasifaka isicelo somsebenzi. Inhlolokhono wayenza ngaphambi kokuqala kweCovid-19.
“Okokuthi yimina ozothatha lesi sikhundla ngiqala ukukuzwa ngawe. Ngafaka isicelo njengabo bonke abantu. Empeleni kangifuni ukwanda ngamazwi entweni iBSA engakayimemezeli,” kusho uMalinga.
UNgatane uthe isinqumo basazosikhipha maduze. Okokuthi uMalinga ozosithatha akakwazi.
IStarline Promotions igcine ukuqhatha ngasekuqaleni kwalo nyaka. Impi ebiphambili ekaGcina Makhoba owashaya uMusawenkosi Ndwandwe kweyebhande le-WBF super flyweight.
Ngo-2016 yazakhela igama yenza umqhudelwano wabesimame owawaziwa ngeQueens at the War. Ingenye yezinkampani eyahlela ngempumelelo umqhudelwano wamaBaby Champs.
Kulezi zinsuku bahleka bodwa abezamankomane emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMidlalo, uNathi Mthethwa, ememezele ukubuya kwesibhekela. Izimpi zizoqhathwa ngaphandle kwezibukeli.
UCindy Nkomo, isikhulu esiphezulu esibambile kwiBSA, uthe bahlela ukuthi impi yokuqala ibe ngasekupheleni kukaSepthemba noma ekuqaleni kuka-Okthoba.
“Kusijabulisa kakhulu ukubuya kwesibhekela. Okuhle wukuthi sibuya nje, vele amajimu kulo lonke bese siwavulile. Emasontweni edlule amajimu siwahlinzeke ngezibulalimagciwane. Sakugcizelela ukuthi amajimu kumele ahlanzwe ngaphambi nangemuva kokuziqeqesha kwamabhokisa,” kusho uNkomo.