Sthembiso Mkhize
Lo mshayisibhakela waKwaXimba, utshele Isolezwe ukuthi umatasa nokuzilolonga njengoba engase alwe noyedwa phakathi kukaBilal Laggoune waseBelgium no-Olanrewaju Durodola waseNigeria kodwa osezinze e-USA.
Leli nxele liveze ukuthi yinhlangano ye-WBC ephasise ukuthi alwe noDurodola empini yokuhlungela ukulwela ibhande le-WBC World eliphethwe * -Ilunga “Junior” Makabu waseCongo.
Uthe uma egcina elwa noLaggoune uzobe evikela ibhande le-WBC Silver alithatha ngoDisemba nyakenye ehlula uDenis Lebedev eRussia.
“ Ngicabanga ukuthi ngizolwa noyedwa ungakapheli lo nyaka. Nokho impi engiyifisa kakhulu ekaDurodola ngoba izosheshe ingifikise kuMakabu. Sengithandazela ukuthi kuvulwe manje ukuhambela kwamanye amazwe. Uma kungavulwa ngokushesha kungabe ngigqemeke ingozi enqeqiwa ntwala. Okuhle ngami ukuthi ngiyibhokisa elihlale lisejimini,” kubeka uMchunu okleliswe endaweni yokuqala ezilinganisweni ze-WBC.
UDurodola ugcine ukuba seringini ngoFebhuwari eshaya ngomcacamezelo womlalisa phansi * -Abraham Tabul kubangwa isicoco ebesingaphethwe muntu se-ABU Cruiserweight.
Ezilinganisweni ze-WBC ukleliswe endaweni yesithathu. Kweyesibili kunoMichal Cieslak wasePoland.
ULaggoune ugcine ukubonakala eringini ngoNovemba nyakenye eshaya ngomcacamezelo womlalisa phansi * -Elvis Smajlovic. Ubephuma ekugingqeni uTamas Lodi ngomngqimuzo womlalisa phansi.
Uma uMchunu ligcina lifezeka iphupho lakhe lokulwa noMakabu kuzobe kuyimpindamshaye. Ngo-2015 uMchunu wakhala ngaphansi empini eyayiseThekwini yokuhlungela ukulwela i-WBC.
Khonamanjalo, uMlandeli Tengimfene oyimenenja kaZolani Tete utshele Isolezwe ukuthi bahlalele ethembeni lokuthi uhulumeni uzosheshe avule ukuhambela emazweni aphesheya. Uthe balungiselela ukulwa no-Emmanuel “Manny” Rodriguez wasePuerto Rico empini abazozama ukumphuca ibhande le-WBC Silver Bantamweight. Ozonqoba phakathi uzolwa nozowina phakathi kukaNordino Oubaali waseFrance noNonito “Filipino Flash” Donaire wasePhilippines kweye-WBC Bantamweight.
Okwamanje iNingizimu Afrika isesigabeni sesibili sikathaqa. Izwe belingakakuvumeli ukuya emazweni angaphandle. IBoxing South Africa bekufanele ngo-Agasti 21 ithumele uhlelo lwayo kuMnyango wezeMidlalo olucacisayo ukuthi zizolandelwa kanjani ezokuphepha uma kuqala imiqhudelwano.