WILLEM PHUNGULA
UMLALELI woKhozi FM owaphoxwa yisikhulu seLamontville Golden Arrows emoyeni, uthi ngeke ayeke ukuphawula ngamakilabhu ebhola kuleli.
UBongani Miya waseZakheni eMnambithi, usephenduke usaziwayo emva kwesigameko sangesonto eledlule lapho aphoxwa ngumphathi weGolden Arrows uMato Madlala, ohlelweni lwezemidlalo.
Igama lakhe lindiza emoyeni ezindaweni zokuhlanganela nasezinkundleni zokuxhumana ngenxa yalesi gameko. UMiya utshele leli phephandaba ukuthi kwamethusa futhi kwamphatha kabi okwenziwa nguMadlala ngoba akazi ukuthi yikuphi okubi ayekushilo, ukuze akhulume ngaleya ndlela.
Ufunge wagomela ukuthi usazoqhubeka abeke okusemizweni yakhe ngezinto ezithinta ibhola namakilabhu akuleli. Uthe kodwa usekwamukelile ukuxolisa kukaMadlala, njengoba waxolisa emsakazweni lapho wayemphoxe khona.
"Angifuni ukukhuluma amanga kwangiphatha kabi akusho kodwa-ke ngoba usexolisile sekudlulile. Nami ngingenile emsakazweni ngasho ukuthi uma kuyinhlamba ukuthi ngathi ijezi kungathi luwumswenko ngiyaxolisa. Mina vele angishongo ukuthi kungathi isikibha, lawo mazwi avela kuye umphathi we-Arrows," kusho uMiya.
Isigameko saphoqa nenhlangano yokusakaza iSABC, ukuba ingenelele yakhipha isitatimende igxeka okwenzeke phakathi kukaMadlala nomlaleli.
UMiya wayephawule ngejezi lale kilabhu wathi alikho ezingeni, wabe esecela abaphathi ukuba bazame abaxhasi. Lokhu akwehlangaka kahle kuMadlala, wangena emoyeni wakhwela, wazehlela kuMiya. Wambuza ukuthi iphi eyakhe kilabhu ngoba akanayo nedlala obhuqwini.