UMPETHA wePrince Mangosuthu Buthelezi Ultra 52km Marathon, uNtsindiso " Tata" Mphakathi, ushaya ibuya emjahweni walo nyaka ngenhloso yokuvikela indondo yakhe yegolide.
Abahleli balo mjaho okuyisifunda uMzinyathi owenganyelwe iMeya uPetros Ngubane, bamemezele ukuthi kulo nyaka kuzofakwa okokuqala nebanga lika-21km.
Abazonqoba kulo bazokhala bamuke no-R50 000.
Lena yingqophamlando njengoba kuleli ungekho umjaho waleli banga okhokha lesi samba semali.
IMeya uNgubane iveze ukuthi kulokhu umjaho omkhulu ka-52km, uzosukela eNquthu uphele eDundee ngo-Ephreli 30.
Ngaphandle kwaleli elizokhokhela u-R100 000 kwabazonqoba nelika-21km, kukhona nelika-10km nelamakhilomitha amahlanu.
UNgubane uveze ukuthi ingaphezu kuka-R700 000 imali okuzoklonyeliswa ngayo abazokwenza kahle kulo mjaho okuhloswe ngawo ukuhlonipha minyaka yonke uMntwana waKwaPhindangene.
Ngawo kuzophinde kuhlungelwe iComrades Marathon ezosukela uMgungundlovu, iphele eMoses Mabhida Stadium, ngoJuni 8.
Nyakenye kusukwa eDundee kubhekwe eNquthu, uMphakathi wasePort St Johns, e-Eastern Cape, washaya intambo ngesikhathi esiwu-3:00.45.
Ngo-2021 wayelale isibili elandela uNkosikhona Mhlakwana owanqoba.
UMphakathi ogijimela iNsika AC, utshele leli phephandaba ukuthi ubengeke alenze iphutha lokungayivikeli indondo yakhe kulo mjaho.
"Kuzoba nzima njengoba kulokhu umzila uzobe wehlika. Mina ngenza kahle uma kwenyukwa. Ukwenza isiqiniseko sokuthi nakulo nyaka ngiyanqoba, ngesonto eledlule bengiziqeqesha ngeNedbank Runifield Breaking Barriers 50km Ultra Marathon, eGqeberha.
“Bengingafuni ukuzigqilaza kuyo, ngigcine ngiqede kweka-23 ngesikhathi esiwu-2:58.54. Ngo-Ephreli 30 ngifuna ukuzama ukwenza isikhathi esihle esedlula engisigijime nyakenye kubhekwe eNquthu," kubeka uMphakathi.
UMphakathi uveze nokuthi uyabuyela kwiComrades njengoba nyakenye engayiqedanga kade eyigijima okokuqala.
"Ngonyaka odlule benginovalo kwazise ngangiqala ukuyigijima. Ngavele ngaphuma emzileni kungonakele lutho. Nokho engikuqaphelile wukuthi uma uyilungiselele kahle iyagijimeka. Kulo nyaka ngizozinikela ngakho konke," kusho lo mgijimi.
Mayelana nemingenelo yePrince Mangosuthu Buthelezi, ku-52km kubhaliswa ngo-R200 bese kuba u-R150 ebangeni lika-21km. Kwelika-10km kukhokhwa u-R100 bese kuba u-R20 ku-5km.