XOLILE MPISANE
UMDLALI weqembu lesizwe lekhilikithi, amaProtea, uQuinton de Kock, uxolisile ngokuhoxa kwakhe eqenjini ebelibhekene neWest Indies koweNdebe yoMhlaba ye-T20 ngoLwesibili, ngemuva kokunqaba ukuguqa ngaphambi komdlalo.
Ibhodi yeCricket South Africa (CSA) ikhiphe umyalelo wokuthi bonke abadlali bakuleli, kumele balwenze lolu phawu lokulwa nokucwasana ngebala noluyingxenye yomkhankaso, iBlack Lives Matter.
Kwisitatimende asikhiphe namhlanje, uDe Kock uthe bathatheleka phezulu njengabadlali ngoba batshelwa ngoLwesibili ekuseni ngalokhu. Uthe ngemuva kokuxoxisana nabaphathi nokucabangisisa, uzimisele ukuthi aguqe emidlalweni esele.
"Ngicela ukuqala ngokuxolisa kozakwethu, nabalandeli ekhaya," kusho uDe Kock. "Bengingaqondile ukuziqhakambisa. Ngiyakuqonda ukubaluleka kokumelana nokucwasana ngokwebala futhi ngiyaqonda ukuthi njengabadlali, singaba yisibonelo esihle.
"Uma ukuguqa kwami kuzosiza ekufundiseni abanye futhi kwenze izimpilo zabanye zibe ngcono, ngingajabula kakhulu ukwenza kanjalo. Ngangingaqondile ukudelela ngokungadlali neWest Indies, ikakhulu iqembu leWest Indies uqobo.
"Mhlawumbe abanye abantu abaqondi ukuthi lomyalelo satshelwa ngawo ngoLwesibili ekuseni, sisendleleni eya emdlalweni. Ngiyaxolisa kakhulu ngobuhlungu, ukudideka kanye nentukuthelo engiyibangile,“ ngokwesitatimende sikaDe Kock
Uthe yize ekwamukela okunye ukuthukwa okubhekiswe kuyena kodwa kuhlabe kwazwela uma bemsola ngokuba umuntu ocwasa abanye ngokwebala.
"Bengisathule ngingaphawuli ngalolu daba kuze kube manje kodwa ngibona ukuthi kufanele ngichaze kancane. Kulabo abangazi, ngiphuma emndenini oxubile. Osisi bami bangamaKhaladi kanti umama wami ongangizali, ungumuntu omnyama.
"Kimina, impilo yabantu abamnyama ibivele ibalulekile kusukela ngazalwa, hhayi ngoba kunomkhankaso iBlack Lives Matter. Amalungelo nokulingana kwabo bonke abantu kubaluleke ngaphezu kwanoma yimuphi umuntu. Ngafundiswa ngisemncane ukuthi sonke sinamalungelo futhi abalulekile. Ngibone sengathi ngiphucwa amalungelo ami ngesikhathi sitshelwa obekufanele sikwenze ngendlela esatshelwa ngayo.
"Njengoba sixoxile nebhodi izolo (ngoLwesithathu) ebusuku ngicabanga ukuthi sonke siziqonda kangcono izinjongo zabo. Ngabe kungcono ukuba saqala ngale ngxoxo ngoba bekuzogwemeka okwenzeke ngoLwesibili. Ngiyazi ukuthi kumele ngibe yisibonelo esihle. Ngaphambilini sasitshelwe ukuthi umuntu angenza noma yini ayithandayo. Ngakhetha ukuma ngicabange, ngendlela engizigqaja ngayo ngokudlalela umndeni wami nezwe lami.
"Bengingaqondi ukuthi kungani kufanele ngikufakazele ngophawu, ekubeni kuyinto engiyiphilayo. Ngingumuntu othanda bonke abantu. Ngibone sengathi uma siphoqwa ukwenza uphawu kugcina sekuyinto engasho lutho. Ukube benginobandlululo, bengingaguqa kalula ngiqambe amanga, nokuyinto engalungile futhi engakhi umphakathi ongcono. Abakhule nami nabadlala nami bayazi ukuthi ngiwumuntu onjani.
"Ngibizwe ngezinto eziningi njengomdlali wekhilikithi, sekuke kwathiwa ngiyisiphukuphuku, ngizicabangela ngedwa futhi nginomqondo ongaphusile. Wonke lawo magama awangilimazanga kodwa ukubalwa nabantu abanobandlululo kungizwise ubuhlungu, obukhulu. Kubuhlungu emndenini wami nakumkami okhulelwe. Angiyena umuntu ocwasa ngokwebala futhi enhliziyweni yami ngiyakwazi lokho. Ngicabanga ukuthi abangaziyo bayakwazi lokho.
"Ngiyazi ukuthi angilona igagu ngasekukhulumeni kodwa ngizame ngakho konke okusemandleni ami ukuchaza ukuthi ngizisola kangakanani ngalokhu okwenzekile. Ngiyabathanda bonke ozakwethu futhi akukho engikuthanda njengokudlalela izwe lami. Ngicabanga ukuthi kwakumele sikulungise konke lokhu ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano weNdebe yoMhlaba,“ kuqhuba uDe Kock esitatimendeni.
Ubonge ukwesekwa akuthole kukaputeni uTemba Bavuma, wathi uyafisa ukuba yingxenye yamaProtea emidlalweni esele kweyoMhlaba.
"Manje kufanele sigxile emsebenzini wethu wokunqobela izwe lethu imidlalo yekhilikithi. Akulungile ukuthi uma siya emiqhudelwaneni emikhulu, kube nezigameko ezisiphazamisayo. Ngithanda ukubonga ozakwethu ngokungeseka, ikakhulu ukaputeni wami, uTemba. Kungenzeka ukuthi abanye abakuboni lokho kodwa ungumholi omangalisayo.
"Uma yena, iqembu neNingizimu Afrika bengangamukela, ngizimisele ukuthi ngiqhubeke ngidlalele izwe lami."
AmaProtea azodlala umdlalo olandelayo wamaqoqo neSri Lanka eSharjah ngoMgqibelo. Iqembu lakuleli lilele endaweni yesine ku-Group 1 ngamaphuzu amabili, liyalingana ne-Australia neSri Lanka, abasadlale umdlalo owodwa. I-England isesicongweni ngamaphuzu amane. Mabili amaqembu azodlula eqoqweni ngalinye, ayongena kweyandulela owamanqamu.