SITHEMBISO MKHIZE
OMUNYE wabaqeqeshi abahlonishwayo kuleli kwezamankomane, uSamson "Xamukavinjelwa" Ndlovu, usonga ngokuthi kusasa, uSandile Dumisa uzozisola ukuthi usilaxazeleni isitebela sakhe waqoma ukujoyina esikaLetho "Sweetboy" Sibisi.
UNdlovu the ukuzisola kukaDumisa kuzoqala esengqutshuzwa nguKhanyisani Mbokazi empini yeKZN Junior Lightweight ekwezihlelwa yiHlula Dladla Promotions.
Lezi zimpi eziseMnambithi Indoor Centre, ngoLwesihanu, kanti eyosuku iphakathi kukaMfanuvele Ntuli ozovikela ele KZN Flyweight kuSanele "Theo" Mhlungu waseDundee.
UMbokazi uzobe elivikela okwesibili ibhande alithathe lingaphethwe muntu eshaya uBrandon Naude.
UNdlovu osezakhele udumo ngokunqobisa amabhokisa izicoco, utshele Isolezwe ukuthi uyamdabukela uDumisa ngoba umazi njengoba ezazi. Uveze ukuthi umjimise iminyaka emine ngaphambi kokuthi ajoyine uSibisi nyakenye.
UNdlovu usola uSibisi ngokuphosa uDumisa emphandwini wezingonyama ngokumvumela alwe noMbokazi empini yesicoco.
“Angikubeke kucace ukuthi uKhanyisani uzomgingqa emzuliswaneni wesithupha uDumisa. Ngifuna (uDumisa) azisole ngokushiya isitebele sami, yimi engamfundisa isibhakela,” kusho uNdlovu.
“Konke azobe ekwenza eringini ngiyakwazi. Benze iphutha elikhulu abaphathi bakhe abasha ukumvumela alwe empini yesicoco enemizuliswano eyishumi.
“Okukuqala nje, akakaze alwe ngisho imizuliswano eyisithupha. Uthwala kanzima ngisho elwa kwemine.
“Kuyomsiza ukuthi mayeselwa noKhanyisani angahlehli ngoba uzolala engandlalelwe.”
Uqhube wathi kubaluleke kakhulu ukuthi banqobe kusasa ngoba bafuna ukuhlala endaweni enhle ezilinganisweni zeBoxing South Africa (BSA) kwiJunior Lightweight.
USibisi ocija uDumisa, uthe akathandi ukuvulela kakhulu ngaphansi kwekhala, bazokhuluma ngevelemane eringini.
“Kuyacaca ukuthi uNdlovu wamgcina kudala uDumisa. Selokhu efike kithina izinga lakhe lokulwa linyuke ngendlela eyisimanga,” kusho uSibisi.
“Ngiyakuthembisa, liyoshona elakusasa ibhande sekungelikaDumisa.”
UDumisa usalwe izimpi ezine kuphela. Unqobe ezimbili washaywa kweziyisibalo esifanayo. Kwagcine ukuyilwa ngoDisemba wanyakenye, ushaye uLindelani Sibisi.
Kweziyisishiyagalombili, uMbokazi unqobe ezintathu, walwa ngokulingana kwezine, washaywa kweyodwa.
Zihlelwe kanje ezinye izimpi zeHlula Dladla Boxing Promotions:
Sebelo Cebekhulu v Soul Hlungwani, Andile Sibisi v Lungisani Mkhize (Featherweight); Sanele Ngcobo v Ntokozo Mthonti, Sechaba Zuma v Sihle Shange (Bantamweight); Thabiso Makhanya v Caiphas Manele (Junior Middleweight); Nkosingiphile Sibisi v Ntshidze Mashila (Flyweight).