AMA-PROTEAS azoqala umkhankaso wawo weNdebe yoMhlaba ye-ICC Twenty20 ne-Australia ngoMgqibelo engezona izimfivilithi.
Lokhu kwenzeka phezu kokuba ezikaTemba Bavuma, ongukaputeni, zibe namalungiselelo amahle ukulungiselela lo mqhudelwano.
Zinqobe imidlalo yasekuhambeni eWest Indies, e-Ireland naseSri Lanka.
Kunongabazane nokho ukuthi leli qembu laseNingizimu Afrika linabadlali abasezingeni elifanele abangakwazi ukuzibamba ziqine kulo mqhudelwano weT20, amaProteas azowuvula ngokududulana ne-Australia, kusasa ngo-12 emini eShaikh Zayed Stadium, e-Abu Dhabi, e-United Arab Emirates.
Umbhali wekhilikithi onohlonze, uZaahier Adams, okunguyena ozobe ebhalela i-Independent Media ngeNdebe yoMhlaba yeT20, uthipha abadlali abahlanu bamaProteas okufanele bavelele lapho leli qembu selibhekene ne-Australia.
U-QUINTION DE COCK
Lesi sihlabani seNingizimu Afrika asigqamanga emidlalweni yokuzwana amandla, kodwa-ke yindlela vele abadlali abahlonishwayo abenza ngayo leyo emidlalweni yokuzwana amandla.
Lokho kufakazelwa inkulumo eyayivame ukushiwo inkakha uGary Kirsten, yokuthi “ungamosi ama-runs akho emidlalweni yokuzwana amandla.”
Ude Cock nguyena ophethe ukhiye wamathuba okwenza kahle kwamaProteas kule ndebe yoMhlaba yeT20 ngaphezu kwanoma yimuphi omunye umdlali kuleli qembu.
Ama-runs akhe awanyusi nje kuphela isibalo kwi-scoreboard kodwa indlela awashaya ngayo yiyo ebeka phambili iqembu lamaProteas.
Eminyakeni engu-28 yobudala akaseyona neze ingane, kodwa useyinkunzi emidwayidwa egadla kuzwakale.
Amava akhe okudlala kwi-Indian Premier League, okubalwa kukho ukunqoba lo mqhudelwano e-United Arab Emirates nyakenye neMumbai Indians, nawo azoba wusizo kumaProteas.
U-AIDEN MARKRAM
Lona ngomunye umdlali osemncane waleli qembu laseNingizimu Afrika oseqine ngokwanele ukhakhayi ekubeni ngumdlali wekhilikithi ezingeni lomhlaba.
Kumsizile futhi nokwesekwa kwakhe ngumqeqeshi uMark Boucher, okholelwayo kuyena. Ukukholelwa kukaBoucher kuMarkram kuthele izithelo njengoba namhlanje lo mdlali esekleliswe nabadlali abangabaphebezi (batter) baseNingizimu Afrika abahamba phambili kwiT20.
Kanti futhi uyakuthokozela ukubhekana nama-Aussies (iqembu lase-Astralia) selokhu aqala ukuzenzela kuwona ewahlula kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ka-Under 19 e-United Arab Emirates.
U-BJORN FORTUIN
Le linxele lomshwibi laba neshwa lishiywa ngaphandle ngowayengumqeqeshi uGeorge Linde esikwatini seNdebe yoMhlaba yeT20 ngo-2016.
Naphezu kokuba ukushiywa kwakhe ngaphandle nguLinde kwakuvele kushaqisa, kodwa lokho kwamqinisa njengoba ashaya into ecokeme kumaPowerPlay overs.
Ukubhekana kwakhe nezihlabani ze-Australia o-Aaron Finch noDavid Warner yikhona okubukeka kuzothatha amehlo emdlalweni wamaProteas ne-Australia.
UKAGISO RABADA
Lenkalimeva yomshwibi osheshayo wamaProteas ubebhala ecishe ngonyaka odlule, kodwa akungatshazwa ukuthi ukuthi ukuyobhekana kwezakhe ne-Australia kungase kumenze avuke indlobane.
Umlando wakhe uyaziwa uma ebhekene nama-Aussies, yize njengamanje esedlala eqenjini elilodwa iDelhi Capitals yase-India nembangi yakhe enkulu uSteve Smith okungenza ubumbangi babo budambe ngenxa yalokhu.
Yize kunjalo kodwa uRabada usengazenza ezibukwayo uma ebhekene ngisho esebhekene nabanye abadlali abangozakwabo eqenjini lakhe lase-India.
UTEMBA BAVUMA
Iyehlukana imibono ngalokaputeni weNingizimu Afrika ngezinga lakhe kuleli qembu lamaProteas eliyodlala kulo mqhudelwano weT20 njengoba engakazinzi namanje endaweni adlala kuyona.
Kulindeleke ukuba uBavuma adlale ngemuva kokwelulama esandleni, yize aphuma isine emidlalweni wokuzwana amandla ezakhe zibhekene nePakistan.
Nokho, into engangatshazwa nakancane ubuholi nokukwazi kwakhe ukubeka umoya phansi uma esenkundleni ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima.
Iqembu laseNingizimu Afrika lizobudinga lobu buholi balo mdlali emdlalweni wakusasa.