XOLILE MPISANE
UMDLALI wakuleli wekhilikithi u-Aiden Markram ukholwa ngukuthi ulwazi aluthole kwi-Indian Premier League luzoba wusizo eqenjini lesizwe njengoba lilungiselela iNdebe yoMhlaba kwi-T20.
Lo mqhudelwano ozoba se-United Arab Emirates uzoqala ngo-Okthoba 17 uphele ngo-Novemba 14.
UMarkram ubeyingxenye yeqembu i-Punjab Kings eliqede endaweni yesithupha kwi-log ye-IPL, lahluleka ukudlulela kweyomkhumulajezi.
Lo mqhudelwano waqala waba se-India ngo-Ephreli wabe usuhlehliswa ngenxa yokubhebhetheka kwe-Covid-19. Uqhubeke ngoSepthemba ususe-UAE.
"Zonke izinkundla ebesidlalela kuzona bezehlukile. Bengingakulindele lokho kodwa inkundla ngayinye ibinobunzima bayo, ’’ kusho uMarkram.
"Bekungelula ukubhetha kuzo zonke izinkundla kodwa uma ungajahi ungakwazi ukugcina uhlanganise ama-run amaningi. Kunzima kakhulu uma usanda kuqala ukubhetha kuye ngokuya kube ngcono uma usuchithe isikhashana uphakathi.
"Inkundla yase-Sharjah iyona eyinselelo kakhulu kulezi ezintathu ebesidlala kuzona kanti eyase-Abu Dhabi iyona ebingcono."
Abanye abadlali bakuleli abebegijima kwi-IPL okulindeleke ukuthi bacobelele amaProteas ngolwazi nguKagiso Rabada, Anrich Nortjem, David Miller, Tabraiz Shamsi, Quinton de Kock, noLungi Ngidi.
INingizimu Afrika izoyiqala esigabeni se-Super 12 iNdebe yoMhlaba lapho ifakwe khona eqoqweni lokuqala ne-Australia, West Indies, England namaqembu amabili azophumelela kweyokuhlunga.
Sekungumlando ukuthi iqembu lakuleli lijwayele ukuphoxa kulo mqhudelwano kodwa uMarkram uthe abafuni ukuzifakela ingcindezi ngokucabanga okubi osekwadlula.
"Asifuni ukungena kulo mqhudelwano sisindwa umthwalo wezinto ezenzeka phambilini.
"Njengamanje sonke sikhululekile emoyeni futhi nemimoya siyibeke phansi. Asinalo uvalo lokudlala kwiNdebe yoMhlaba.
"Asizimisele ukuthi siphinde amaphutha enzeka ngo-2019. Umqhudelwano ohlukile lo esibheke kuwona. Sineqembu elisha futhi siyodlalela ezinkundleni ezintsha.
"Asiyikhulumi kakhulu indaba ka-2019 kodwa siyawazi amaphutha esawenza. Asikwazanga ukuzama amanye amaqhinga uma izinto zingasihambeli kahle, sasivele sidikibale. Sesikulungisile lokho futhi siyazi ukuthi sizodlala kanjani neqembu ngalinye," kuphetha uMarkram.