UVUKWE wumunyu wacweba izinyembezi emehlweni umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ngenkathi egubha iminyaka ewu-50 yobudala ekubo eLusizini, eMzimkhulu ngoMgqibelo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane okubalwa kuzo namagama aphezulu ebholeni njengoSteve Komphela abalolonga naye kwiSundowns, noMandla Ncikazi owethulwe ethimbeni labaqeqeshi be-Orlando Pirates ngempelasonto.
Abanye nguS’bu Mpisane ongusihlalo weRoyal Eagles egawulwe yizembe kwi-ABC Motsepe League, uJames Dlamini ogcine ukubonakala ebholeni eyimenenja yayo i-Eagles.
Amapuleti abaklwejwa nguDJ Muntu, onguntanga kaMngqithi nobedlala izingoma ezipholile.
UMngqithi uke waveza kwenye ingxoxo ukuthi unina akalitholanga ithuba lokubona izimanga azenze kwiSundowns, ngoba ucingo olwambizela ekujoyineni leli qembu lwafika ngemuva kwesikhashana edlule emhlabeni.
Intatheli imthunukile ngenkathi imbuza ngalokhu, emcimbini abegubha kuwo impumelelo yakhe.
“Lapho uthinta into engithunuka kakhulu emoyeni uma ukhuluma ngomama wami. Loya muntu wesifazane usebenze ngokuzikhandla kakhulu, ukuthi sibe lapha esikhona namuhla. Angifuni ukuya lapho,” esho evimba izinyembezi ebese zicwebe zagcwala amehlo.
“Umcimbi wanamuhla inhloso yawo wukubonga uMdali ngokuhle asenzele khona nomkami nomndeni wami. Usilethele impumelelo ezintweni eziningi ebesizifisa. Okokuqala bekuwukubonga. Bekukuhle kakhulu ukuthi lokho ngikwenze ekhaya ngokuhlanganyela nabantu okuyibo abangikhulisile. Okwesibili bekuwukugubha usuku lwami lokuzalwa,” kuchaza uMngqithi.
“Inhloso bekuwukuhlanganyela nabantu abangazi kangcono ngoba ngikhulele kule ndawo. NgiyiBhaca laseMzimkhulu. Ngakho bekubalulekile ukuthi ngizogubha iminyaka engu-50 nabantu abangikhulisile, abangenze umuntu enginguye namuhla”.
UmkaMngqithi, uBongi onguMaThusi, uveze ukuthi usuku lokuzalwa lomyeni wakhe lingo-Ephreli kodwa ngenxa yokuba matasa, baluhlelisele ukulugubha uma sekuvalwe isizini.
“Sesibe ndawonye iminyaka engu-20, sesinewu-17 sishadile. Usuku lwakhe lokuzalwa lungo-Ephreli kodwa ubematsa njengoba sesilugubha ngoJuni okuyinyanga okuzalwa mina ngayo,” kusho uMaThusi.
Umnewabo kaMnqgithi, uBhekisisa uveze ukuthi sebesele babili kwabo ngemuva kokudlula kukayise besebancane, nokulandelwe eminyakeni edlule ngudadewabo nonina uMaPamla.