UMSHAYISIBHAKELA waseNingizimu Afrika, uZolani "Lastborn" Tete, ubuyise isithunzi sakhe esibhakeleni somhlaba eqeda ngoJason Cunningham, ngemizuliswane emine.
Impi kade ise-Ovo Arena, eWembley, eLondon, e-United Kingdom, ngoMgqibelo ebusuku. Ngokuguqisa uCunningham, uTete uwine amabhande amathathu okungele-IBF International, ele-WBO Intercontinental nele- Commonwealth (British Empire) Super Bantamweight.
Egcina ukulwa e-UK uTete ulahlekelwe yibhande le-WBO Bantamweight ethelwa othulini nguJohnriel Casimero wasePhilippines, ngo-2019.
Ngokuwina kuCunningham, uTete uzibeke ethubeni lokulwela amabhande omhlaba. Ngaphambi kwempi noCunningham, uphromotha wakhe waphesheya kwezilwandle, uFrank Warren, uthembise ukuthi umshayisibhakela ozowina uzobhekana noMurudjon Akhmadaliev wase-Uzbekistan, ophethe ibhande le-WBA 'Super' nele-IBF Junior Featherweight.
UTete uthe ujabule kakhulu ngokuwina e-UK.
"Ukuwina e-UK kujabulisa kakhulu. Ngesikhathi esidlule ngilwela lapha, ngehluliwe. Bengifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu abazitsheli ukuthi sekuphelile ngami esibhakeleni. Ngazalelwa isibhakela," kusho uTete.
Ngaphandle kokuwina amabhande, kade kubalulekile kuTete ukwehlula uCunningham ngendlela egculisayo ukuze aqinise idolo uWarren osathembela kuyena phezu kokuba iningi kade selizitshela ukuthi sekuphelile ngaye.
Eringini ucacise zibekwa ukuthi akazimisele ngokulwa yonke imizuliswano. Ngaphambi kwesibhakela sokunxele uTete asibeke emhlathini kaCunningham saqeda impi, ubekade esishaye sagcwala ngawo umzuliswano wesine kodwa wavuka emuva kokubalelwa ngunompempe.
"Ngize kule mpi ngigcwele ukuzethemba ngoba bengifuna ukuwina noma yikanjani. Emuva kokushonelwa ngumama nokuhlala iminyaka emibili ngingalwi, izinto bezinzima kakhulu kimina ekhaya.
“Yikho ngilwe ngentukuthelo engaka. Akukhona ukuthi angimthandi uJason noma kukhona okunye. Kungenzeka ukuthi ngikhulume kabi kuyena kodwa isibhakela sinjalo," kusho uTete.